Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 6:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Lelizwi likaNkulunkulu landa; isibalo sabafundi sanda kakhulu eJerusalema; nesixuku esikhulu sabapristi salalela ukholo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Izwi likaNkulunkulu landa, umumo wabafundi wakhula eJerusalema, nesixuku esikhulu sabapristi salalela inkolo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Izwi likaNkulunkulu lasabalala, kwathi inani labafundi lakhula kakhulu eJerusalema, nesixuku esikhulu sabaphristi sayamukela inkolo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Lelizwi likaNkulunkulu landa; isibalo sabafundi sanda kakhulu eJerusalema; nesixuku esikhulu sabapristi salalela ukholo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 6:7
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kodwa abapristi babembalwa kakhulu, kangangokuthi babengenakuyiwisa yonke iminikelo yokushiswa; ngalokho abafowabo amaLevi babasiza waze waphela umsebenzi, baze bazingcwelisa abanye abapristi; ngoba amaLevi ayeqotho ngenhliziyo ukuze azingcwelise kunabapristi.


Ngokuba uHezekiya inkosi yakwaJuda wanika ibandla izinkunzi eziyinkulungwane nezimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa; izikhulu zanika ibandla izinkunzi eziyinkulungwane nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi, abapristi abaningi bazingcwelisa.


Ngizagqokisa abapristi balo ngensindiso, labangcwele balo bathokoze.


Abapristi bakho mabembeswe ukulunga; futhi abangcwele bakho mabajabule.


Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina; futhi abokugcina bayakuba ngabokuqala.


USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi kwa-Israyeli; futhi kube yisibonakaliso esiyophikiswa;


Nokho nabaningi bababusi bakholwa kuye; kodwa ngenxa yabaFarisi kabavumanga, hlezi baxotshwe esinagogeni;


Kodwa izwi likaNkulunkulu lakhula, landa.


Kodwa uElimasi isanusi (ngokuba linjalo ibizo lakhe ngokuhunyushwa) wamelana labo, efuna ukuphambukisa umbusi ekholweni.


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu.


Kanjalo izwi likaNkulunkulu landa ngamandla, lanqoba.


Bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.


Sebezwile bayidumisa iNkosi, bathi kuye: “Uyabona, mfowethu, ukuthi zingaki izigidi zabakholwayo abaJuda; futhi bonke bashisekela umthetho;


Ngalezo zinsuku, abafundi banda, kwavela ukukhonona kwabekhuluma isiGreki ngamaHeberu, ngokuba abafelokazi bawo babenganakwa enkonzweni yezinsuku zonke.


esamukele ngaye umusa nobuphostoli, kube ngukulalela ekukholweni phakathi kwezizwe zonke ngenxa yegama lakhe;


Kodwa khathesi isibonakalisiwe, langemibhalo yabaprofethi, ngokomlayo kaNkulunkulu ophakade wenziwe waziwa ezizweni zonke ukuze balalele ngokukholwa;


Kodwa babezwile kuphela ukuthi: Lowo owayesihlupha kudala useshumayela ukukholwa ayekuchitha.


Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.


elifikile kini, njengasezweni lonke; lithela isithelo, njengalokhu lisenza lakini, kusukela osukwini elakuzwa ngalo, lawazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso;


Elangabi lomlilo liphindisela kwabangamaziyo uNkulunkulu, labangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu Kristu;


engihlupheka ngakho kuze kube sekuboshweni njengomenzi wokubi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.


Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona.


futhi esephelelisiwe, waba yinhloko yensindiso ephakade kubo bonke abamlalelayo;


Kepha nina bathandekayo, zakheni ekukholweni kwenu okungcwelengcwele, nikhuleke ngoMoya oNgcwele;


Bathandekayo, ngisenza inkuthalo yonke ukulibhalela ngensindiso esihlanganyelo ngayo, kwadingeka ukuba nginilobele, nginikhuthaze ukuba nilulwele kanzima ukholo olwanikelwa kwabangcwele kanye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka