Wamisa abathile kumaLevi ukuba bakhonze phambi komphongolo kaJehova, balobe, badumise, badumise uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
IzEnzo 13:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi bekhonza iNkosi, bezila ukudla, uMoya oNgcwele wathi: Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu emsebenzini engibabizele wona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi bekhonza iNkosi, bezila, uMoya oNgcwele wathi: “Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.” IsiZulu 2020 Kwathi bekhonza iNkosi, bezila ukudla, uMoya oNgcwele wathi: “Ngahlukaniseleni uBharnabha noSawula ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi bekhonza iNkosi, bezila ukudla, uMoya oNgcwele wathi: Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu emsebenzini engibabizele wona. |
Wamisa abathile kumaLevi ukuba bakhonze phambi komphongolo kaJehova, balobe, badumise, badumise uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
Ngabhekisa ubuso bami eNkosini uNkulunkulu ukuba ngifune ngomkhuleko nangokunxusa, ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha.
Futhi nxa nizila ukudla, ningabi njengabazenzisi, ubuso obudangeleyo, ngokuba banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.
Kamora tseo, Morena a bea ba bang ba mashome a supileng, mme a ba roma ka bobedi, hore ba mo etelle pele metseng yohle le nqalong tsohle moo yena a neng a tla ya teng.
Engumfelokazi okungathi iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, ongasuki ethempelini, ekhonza uNkulunkulu ngokuzila ukudla nangokukhuleka ubusuku nemini.
UPetru esacabanga ngombono, uMoya wathi kuye: “Bheka, amadoda amathathu ayakufuna.
UKorneliyu wathi: “Ezinsuku ezine ezidlule kwaze kwaba yileli hora ngizila ukudla; ngehora lesishiyagalolunye ngakhuleka endlini yami;
Bona-ke bethunywe nguMoya oNgcwele behlela eSelukiya; basuka lapho ngomkhumbi baya eKhupro.
Basuka lapho ngomkhumbi, baya e-Antiyokiya, lapho babenikelwe khona emseni kaNkulunkulu emsebenzini asebewufezile.
Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwelusa ibandla likaNkulunkulu azithengele lona ngegazi lakhe.
LoJosefa owathiwa ngabaphostoli isibongo esithi nguBarnabasi, okuyikuthi ngokuphendulelwa, indodana yenduduzo, umLevi, welizwe leKhupro,
UPawulu, inceku kaJesu Kristu, owabizelwa ukuba ngumphostoli, owahlukaniselwa ivangeli likaNkulunkulu,
Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? njengokulotshiweyo ukuthi: “Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela ivangeli lokuthula, nabaletha ivangeli lezinto ezinhle!
ukuze ngibe yisikhonzi sikaJesu Kristu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu, ukuze umnikelo kwabezizwe wamukeleke, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele.
Kepha konke lokho kusebenza yena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokunye ngokuthanda kwakhe.
Lingagodlelani, ngaphandle kokuthi kube kukuvumelana okwesikhathi, ukuze lizinikele ekuzileni ukudla lekukhulekweni; nibuye nihlangane, ukuze uSathane anganilingi ngokungazithibi kwenu.
Ekukhandlekeni nasezinhlungwini, nasekulindeni kaningi, endlaleni nasekomeni, nasekuzileni ukudla kaningi, emakhazeni nasekuhambeni-ze.
Emivimbo, etilongweni, esiphithiphithini, ekukhandlekeni, nasekulindeni, nasekuzila ukudla;
Kodwa kwathi kukuhle kuNkulunkulu, owangahlukanisa kwasesiswini sikamame, wangibiza ngomusa wakhe;
Engaba khona isikhonzi sakho ngokwesipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo ngokusebenza kwamandla akhe.
Ngaleso sikhathi uJehova wahlukanisa isizwe sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaJehova, sime phambi kukaJehova simkhonze, sibusise egameni lakhe kuze kube namuhla.
Engamiselwa ngakho ukuthi ngibe ngumshumayeli nomphostoli (ngikhuluma iqiniso ngoKristu, angiqambi amanga), umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.
Lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abanengi, lokho kubeke ebantwini abathembekileyo abazakuba lamandla okufundisa labanye.
Kodwa wena qaphela ezintweni zonke, ubekezele ezinhluphekweni, wenze umsebenzi womvangeli, ugcwalise inkonzo yakho.
U-Elkana waya eRama endlini yakhe. Umfana wakhonza uJehova phambi kompristi u-Eli.