Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 13:2 - Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Kwathi bekhonza iNkosi, bezila ukudla, uMoya oNgcwele wathi: Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu emsebenzini engibabizele wona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kwathi bekhonza iNkosi, bezila, uMoya oNgcwele wathi: “Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Kwathi bekhonza iNkosi, bezila ukudla, uMoya oNgcwele wathi: “Ngahlukaniseleni uBharnabha noSawula ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwathi bekhonza iNkosi, bezila ukudla, uMoya oNgcwele wathi: Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu emsebenzini engibabizele wona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 13:2
41 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nokho lolu hlobo aluphumi kuphela ngokukhuleka nokuzila ukudla.


Futhi nxa nizila ukudla, ningabi njengabazenzisi, ubuso obudangeleyo, ngokuba banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.


Ngakho-ke nxusani eNkosini yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.


Kamora tseo, Morena a bea ba bang ba mashome a supileng, mme a ba roma ka bobedi, hore ba mo etelle pele metseng yohle le nqalong tsohle moo yena a neng a tla ya teng.


Engumfelokazi okungathi iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, ongasuki ethempelini, ekhonza uNkulunkulu ngokuzila ukudla nangokukhuleka ubusuku nemini.


UPetru esacabanga ngombono, uMoya wathi kuye: “Bheka, amadoda amathathu ayakufuna.


UKorneliyu wathi: “Ezinsuku ezine ezidlule kwaze kwaba yileli hora ngizila ukudla; ngehora lesishiyagalolunye ngakhuleka endlini yami;


Sebezila ukudla bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo, babamukisa.


Bona-ke bethunywe nguMoya oNgcwele behlela eSelukiya; basuka lapho ngomkhumbi baya eKhupro.


Basuka lapho ngomkhumbi, baya e-Antiyokiya, lapho babenikelwe khona emseni kaNkulunkulu emsebenzini asebewufezile.


Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwelusa ibandla likaNkulunkulu azithengele lona ngegazi lakhe.


Yathi kimi: ‘Hamba, ngokuba mina ngiyakukuthuma kude kwabezizwe.


loJosefa owathiwa ngabaphostoli isibongo esithi nguBarnabasi, okuyikuthi ngokuphendulelwa, indodana yenduduzo, umLevi, welizwe leKhupro,


Kepha thina siyakukhuthalela ukukhuleka, nasenkonzweni yezwi.


UMoya wayesethi kuFiliphu: “Sondela, unamathele kule nqola;


Kodwa iNkosi yathi kuye: Hamba;


UPawulu, inceku kaJesu Kristu, owabizelwa ukuba ngumphostoli, owahlukaniselwa ivangeli likaNkulunkulu,


Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? njengokulotshiweyo ukuthi: “Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela ivangeli lokuthula, nabaletha ivangeli lezinto ezinhle!


ukuze ngibe yisikhonzi sikaJesu Kristu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu, ukuze umnikelo kwabezizwe wamukeleke, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele.


Kepha konke lokho kusebenza yena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokunye ngokuthanda kwakhe.


Lingagodlelani, ngaphandle kokuthi kube kukuvumelana okwesikhathi, ukuze lizinikele ekuzileni ukudla lekukhulekweni; nibuye nihlangane, ukuze uSathane anganilingi ngokungazithibi kwenu.


Ekukhandlekeni nasezinhlungwini, nasekulindeni kaningi, endlaleni nasekomeni, nasekuzileni ukudla kaningi, emakhazeni nasekuhambeni-ze.


Emivimbo, etilongweni, esiphithiphithini, ekukhandlekeni, nasekulindeni, nasekuzila ukudla;


Kodwa kwathi kukuhle kuNkulunkulu, owangahlukanisa kwasesiswini sikamame, wangibiza ngomusa wakhe;


engaba khona isikhonzi sakho ngokwesipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo ngokusebenza kwamandla akhe.


Lithi ku-Arkiphu: Qaphela inkonzo oyitholile eNkosini, ukuze uyifeze.


engamiselwa ngakho ukuthi ngibe ngumshumayeli nomphostoli (ngikhuluma iqiniso ngoKristu, angiqambi amanga), umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.


engamiselwa ukuthi ngibe ngumshumayeli, nomphostoli, nomfundisi wabezizwe.


Lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abanengi, lokho kubeke ebantwini abathembekileyo abazakuba lamandla okufundisa labanye.


NguLuka yedwa onami. Thatha uMarku, uze naye, ngokuba uyasiza kimi enkonzweni.


Kodwa wena qaphela ezintweni zonke, ubekezele ezinhluphekweni, wenze umsebenzi womvangeli, ugcwalise inkonzo yakho.


Akakho ozithathela lolu dumo, kuphela obizwe nguNkulunkulu njengo-Aroni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka