Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 9:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngabhekisa ubuso bami eNkosini uNkulunkulu ukuba ngifune ngomkhuleko nangokunxusa, ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ukuba ngikhuleke, nginxuse ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ngakhuleka, nganxusa ngokuzila ukudla, nangendwangu eyisaka, nangomlotha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 9:3
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wamncenga uNkulunkulu ngomntwana; uDavide wazila ukudla, wangena, walala phansi ubusuku bonke.


U-Ezra wayesesuka phambi kwendlu kaNkulunkulu, wangena ekamelweni likaJohanani indodana ka-Eliyashibi, wafika khona, akadlanga sinkwa, akaphuzanga manzi; ngokuba walilela isiphambeko sabathunjwa.


Ngase ngimemezela khona ngasemfuleni i-Ahawa usuku lokuzila ukudla, ukuze sizithobe phambi kukaNkulunkulu wethu, sizifunele kuye indlela eqondileyo thina nabantwana bethu nempahla yethu yonke.


Futhi ngasukuma ngokumelene nomhlatshelo wakusihlwa ekucindezelekeni kwami; ngasengiklebhula ingubo yami nejazi lami, ngaguqa ngamadolo, ngelulela izandla zami kuJehova uNkulunkulu wami,


Ngosuku lwamashumi amabili nane lwaleyo nyanga abantwana bakwa-Israyeli babuthana ngokuzila ukudla, bembethe izingubo zokulila nenhlabathi phezu kwakho.


Hamba uqoqe wonke amaJuda akhona eShushani, ningizilele, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu, ubusuku nemini. Mina nezincekukazi zami siyakuzila kanjalo; kanjalo ngiyongena enkosini, okuphambene nomthetho; futhi uma ngibhubha, ngiyabhubha.


Ngakho ngiyazenyanya futhi ngiyazisola othulini nasemlotheni.


Kepha mina, ekuguleni kwabo, ingubo yami yayibomvu; Ngawuthobisa umphefumulo wami ngokuzila ukudla; umkhuleko wami wabuyela esifubeni sami.


Ngalolo suku iNkosi uJehova Sebawoti yabiza ukukhala, nokulila, nempandla, nokubhinca izingubo zokulila.


Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikubonise izinto ezinkulu nezinamandla ongazaziyo.


Usho kanje uJehova, uthi: Ngisayakubuza ngayo indlu yakwa-Israyeli ukuba ngiyenzele yona; ngizakwandisa abantu njengomhlambi;


UDaniyeli esezwile ukuthi umbhalo usayiniwe, wangena endlini yakhe; amafasitele ekamelo lakhe evulekile ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ebenzile ngaphambili.


Ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe, mina, Daniyeli, ngaqonda ezincwadini inani leminyaka izwi likaJehova elafika ngayo kuJeremiya umprofethi, ukuthi yayiyoqeda iminyaka engamashumi ayisikhombisa ekubhujisweni kweJerusalema.


Kwathi ngisakhuluma, ngikhuleka, ngivuma isono sami nesono sabantu bami u-Israyeli, ngilethe ukunxusa kwami phambi kukaJehova uNkulunkulu wami ngenxa yentaba engcwele kaNkulunkulu wami;


Ngakhuleka kuJehova uNkulunkulu wami, ngenza isivumo sami, ngathi: “Jehova, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, gcina isivumelwano nesihawu kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe;


Bhincani, nilile, bapristi; Memani zinceku ze-altare; wozani nilale ubusuku bonke, nina zinceku zikaNkulunkulu wami, ngokuba umnikelo wokudla nomnikelo wokuphuzwayo ugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.


Ngakho-ke, manje, kusho uJehova, phendukani kimi ngenhliziyo yenu yonke nangokuzila ukudla nangokukhala nangokulila.


Abantu baseNineve basebekholwa kuNkulunkulu, basebememezela usuku lokuzila, bembatha izembatho zokulila, kusukela komkhulu kusiya komncinyane phakathi kwabo.


Nokho lolu hlobo aluphumi kuphela ngokukhuleka nokuzila ukudla.


Engumfelokazi okungathi iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, ongasuki ethempelini, ekhonza uNkulunkulu ngokuzila ukudla nangokukhuleka ubusuku nemini.


UKorneliyu wathi: “Ezinsuku ezine ezidlule kwaze kwaba yileli hora ngizila ukudla; ngehora lesishiyagalolunye ngakhuleka endlini yami;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka