owahlulela abacindezelweyo, opha abalambileyo ukudla. UJehova uyabakhulula abathunjwa.
IzEnzo 12:17 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa wabaqhweba ngesandla ukuthi bathule, wabalandisela ukuthi iNkosi imkhuphe njani entolongweni. Wathi: “Bikelani uJakobe nakubazalwane lokho.” Wasuka, waya kwenye indawo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesebaqhweba ngesandla ukuba bathule, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani etilongweni, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane lokhu.” Wayesephuma, waya kwenye indawo. IsiZulu 2020 Esebathulisile ngesandla, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani ejele, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane ngalokho.” Waphuma, waya kwenye indawo. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa wabaqhweba ngesandla ukuthi bathule, wabalandisela ukuthi iNkosi imkhuphe njani entolongweni. Wathi: “Bikelani uJakobe nakubazalwane lokho.” Wasuka, waya kwenye indawo. |
owahlulela abacindezelweyo, opha abalambileyo ukudla. UJehova uyabakhulula abathunjwa.
Wozani nizwe nina nonke enimesabayo uNkulunkulu, ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami.
Kepha nxa benizingela kulo muzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.
Lo akasiye umbazi, indodana kaMariya, nomfowabo kaJakobe, noJose, noJuda, noSimoni? Nodadewabo abakho yini lapha kithi na? Base bekhubeka kuye.
Esephumile wahluleka ukukhuluma labo, basebeqonda ukuthi ubone umbono ethempelini, wasebaqhweba, wahlala eyisimungulu.
Wabuye wamuka waya phesheya kweJordani, endaweni uJohane ayebhapathiza kuyo kuqala; wahlala khona.
Ngakho uJesu akabange esahamba obala phakathi kwabaJuda; kepha wamuka lapho, waya ezweni eliseduze nehlane emzini othiwa i-Efrayimi, wahlala khona nabafundi bakhe.
Emva kwalokho uJesu wahambahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, ngokuba abaJuda babefuna ukumbulala.
Base bedobha amatshe ukuba bamjikijele, kepha uJesu wacasha, waphuma ethempelini, edabula phakathi kwabo, wadlula kanjalo.
Ngalezo zinsuku uPetru wasukuma phakathi kwabafundi, (isibalo samagama ndawonye sasingaba yikhulu namashumi amabili).
Kwathi sekusile, kwaba khona isiphithiphithi esingesincane phakathi kwamabutho kokuthi uPetro wehlelwe yini.
Wayesesukuma uPawulu, waqhweba ngesandla, wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nani nesaba uNkulunkulu, lalelani.
Base bephuma etilongweni, bangena endlini kaLidiya; sebebonile abazalwane, babaduduza, bamuka.
Basebekhipha uAleksandro exukwini, abaJuda bamqhubela phambili. U-Aleksandru waqhweba ngesandla, efuna ukuziphendulela kubantu.
Kwathi esemnike imvume, uPawulu wema ezikhwelweni, waqhweba abantu ngesandla. Kwathi sekuthuleke kakhulu, wakhuluma kubo ngolimi lwesiHeberu, wathi:
Kuthe besuka lapho, abazalwane sebezwile ngathi, beza ukusihlangabeza baze bafika esikhungweni sika-Aphiyi naseTresi Thaberne, uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi.
Kwathi oJakobe, noKhefase, noJohane, ababebonakala beyizinsika, bebona umusa engiwuphiweyo, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana; ukuze siye kwabezizwe, bona baye kwabasokile.
UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, kubo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekile, ngiyabingelela.