Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 12:17 - IsiZulu 2020

17 Esebathulisile ngesandla, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani ejele, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane ngalokho.” Waphuma, waya kwenye indawo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Wayesebaqhweba ngesandla ukuba bathule, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani etilongweni, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane lokhu.” Wayesephuma, waya kwenye indawo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Kodwa wabaqhweba ngesandla ukuthi bathule, wabalandisela ukuthi iNkosi imkhuphe njani entolongweni. Wathi: “Bikelani uJakobe nakubazalwane lokho.” Wasuka, waya kwenye indawo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kodwa wabaqhweba ngesandla ukuthi bathule, wabalandisela ukuthi iNkosi imkhuphe njani entolongweni. Wathi: “Bikelani uJakobe nakubazalwane lokho.” Wasuka, waya kwenye indawo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 12:17
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Obenzela ubulungiswa abacindezelweyo, opha abalambileyo ukudla, uSimakade uyazikhulula iziboshwa.


We nina nonke enesaba uNkulunkulu, wozani nilalele, nginilandise ngalokho angenzele khona.


Nxa benizingela komunye umuzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: niyakuthi ningakayihambi yonke imizi yakwa-Israyeli, bese ifika iNdodana yomuntu.


Lo akusiye yini umbazi, indodana kaMariya, nomfowabo kaJakobe, uJose, uJuda noSimoni na? Nodadewabo abekho yini lapha phakathi kwethu na?” Base bekhubeka ngaye.


Esephumile, kakwazanga ukukhuluma kubo; bakhanyelwa ukuthi ubone umbono ethempelini; wayelokhu ekhuluma ngezandla, wahlala-ke eyisimungulu.


Wahamba futhi, waya phesheya kweJordani lapho uJohane aqala khona ukubhabhadisa, wahlala khona.


Ngakho-ke uJesu akabange esahamba obala phakathi kwabaJuda, kodwa wasuka lapho waya ezweni eliseduze nogwadule, emzini okuthiwa yi-Efrayimi. Wahlala lapho nabafundi bakhe.


USimoni Phethro wamqhweba, wathi: “Mbuze ukuthi ukhuluma ngobani na?”


Emva kwalokho uJesu wahlala eGalile, ngokuba wayengathandi ukuya eJudiya, lokhu abaJuda babefuna ukumbulala.


Base becosha amatshe ukuze bamkhande ngawo, kodwa uJesu wafihlakala kubo, waphuma ethempelini.


Kwathi ngaleyo mihla, uPhethro wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasibuthene lapho kwakungathi yi-120, wathi:


Kepha uPhethro waqhubeka engqongqoza. Kuthe sebevulile babona ukuthi nguye impela, bamangala.


Ngakusasa, kwasuka isidumo esinamathambo phakathi kwabalindi, bengazi ukuthi kwenzekeni kuPhethro.


UPawula wayesesukuma, waphakamisa isandla, wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nani enesaba uNkulunkulu, lalelani:


Besathule, kwakhuluma uJakobe, wathi: “Madoda, bazalwane, ngilaleleni.


Sebephumile ejele, bangena kwaLidiya, kwathi sebebabonile abazalwane, babakhuthaza, base behamba.


Base bekhipha u-Aleksandru esixukwini, abaJuda bamqhuba phambili, kodwa u-Aleksandru waphakamisa isandla, efuna ukuziphendulela kubantu.


Ngakusasa uPawula wahamba nathi waya kuJakobe; onke amalunga eza.


Esemvumele, uPawula wema esikhwelweni, wathulisa abantu ngesandla. Kwase kuthula kuthi cwaka, wayesekhuluma ngolimi lwesiHebheru, ethi:


Kuthe abazalwane sebezwile ngathi basuka khona, beza kithi bezosihlangabeza, baze bafika e-Aphiyo Foru naseThresi Thaberne. Kwathi ebabona uPawula, wabonga uNkulunkulu, wama isibindi.


Emveni kwalokho, wabonwa nguJakobe, wayesebonwa ngabaphostoli bonke;


Angibabonanga abanye abaphostoli ngaphandle kukaJakobe umnewabo weNkosi.


Ngokuba bengakafiki abanye ababevela kuJakobe, wayedla nabezizwe, kodwa lapho sebefikile, wamonyuka, wazehlukanisa nabo, ngokuba esaba abokusoka.


Lapho bebona umusa engiwuphiweyo, uJakobe, noKhefase, noJohane: labo ababaziwa ngokuthi bayizinsika, banginika mina noBharnabha isandla sokunene sobudlelwano, ukuba thina sisebenze kwabezizwe, kodwa bona basebenze kwabasokileyo,


Mina Jakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Khristu, kuzo zonke izizwana ezili-12 ezihlakazekileyo, ngiyabingelela.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka