Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 28:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kuthe besuka lapho, abazalwane sebezwile ngathi, beza ukusihlangabeza baze bafika esikhungweni sika-Aphiyi naseTresi Thaberne, uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Abazalwane sebezwile ngathi basuka khona, beza ukusihlangabeza baze bafika e-Aphiyo Foru naseTresi Thaberne; uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 Kuthe abazalwane sebezwile ngathi basuka khona, beza kithi bezosihlangabeza, baze bafika e-Aphiyo Foru naseThresi Thaberne. Kwathi ebabona uPawula, wabonga uNkulunkulu, wama isibindi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Kuthe besuka lapho, abazalwane sebezwile ngathi, beza ukusihlangabeza baze bafika esikhungweni sika-Aphiyi naseTresi Thaberne, uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 28:15
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lindela uJehova, ube nesibindi, uyakuqinisa inhliziyo yakho; lindelani uJehova.


Intukuthelo kaJehova yamvuthela uMose, wathi: “Akasiye umfowenu u-Aroni umLevi na? Ngiyazi ukuthi uyakwazi ukukhuluma kahle. Futhi bheka, uyeza ukukuhlangabeza, futhi lapho ekubona, uyojabula enhliziyweni yakhe.


Yathatha amagatsha esundu, yaphuma ukumhlangabeza, yamemeza yathi: “Hosana!


Ngalezo zinsuku uPetru wasukuma phakathi kwabafundi, (isibalo samagama ndawonye sasingaba yikhulu namashumi amabili).


Wasebabizela phakathi, wabangenisa. Ngangomuso uPetru wahamba nabo, nabazalwane abathile baseJopha bamphelezela.


Kwathi esangena uPetru, uKorneliyu wamhlangabeza, wawa phansi ezinyaweni zakhe, wakhuleka kuye.


Abaphostoli nabazalwane baseJudiya bezwa ukuthi nabezizwe balamukele izwi likaNkulunkulu.


UMoya wayesethi kimi ngihambe nawo, ngingangabazi ngalutho. Bahamba nami nalaba bazalwane abayisithupha, sangena endlini yalowo muntu;


Kodwa wabaqhweba ngesandla ukuthi bathule, wabalandisela ukuthi iNkosi imkhuphe njani entolongweni. Wathi: “Bikelani uJakobe nakubazalwane lokho.” Wasuka, waya kwenye indawo.


Kwathi sesiqedile lezo zinsuku, saphuma sahamba; bonke basiphelekezela kanye nawomkabo nabantwana, kwaze kwaba ngaphandle komuzi; saguqa ogwini, sakhuleka.


lapho sathola abazalwane, sancengwa ukuthi sihlale labo insuku eziyisikhombisa; ngokunjalo saya eRoma.


Njalo nxa ngizakuya eSpaniya, ngizakuza kini;


Makabongwe uNkulunkulu osihola njalo ekunqobeni kuKristu, ebonakalisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke.


Ukulingwa kwami okwakusenyameni yami anikudelelanga, anikuyekanga; kodwa nangamukela njengengelosi kaNkulunkulu, njengoKristu Jesu.


Ngakho-ke, bazalwane, siduduzekile ngani kukho konke ukuhlupheka kwethu losizi ngokholo lwenu;


Khumbulani ababoshiweyo ngokungathi niboshiwe kanye nabo; nabaphathwa kabi, njengokuba nani nisemzimbeni.


Angililayanga yini? Qina, ume isibindi; ungesabi, ungapheli amandla, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.


UDavide wacindezeleka kakhulu; ngoba abantu babekhuluma ukumkhanda ngamatshe, ngoba imiphefumulo yabantu bonke yayinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa ngoJehova uNkulunkulu wakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka