Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 28:15 - IsiZulu 2020

15 Kuthe abazalwane sebezwile ngathi basuka khona, beza kithi bezosihlangabeza, baze bafika e-Aphiyo Foru naseThresi Thaberne. Kwathi ebabona uPawula, wabonga uNkulunkulu, wama isibindi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Abazalwane sebezwile ngathi basuka khona, beza ukusihlangabeza baze bafika e-Aphiyo Foru naseTresi Thaberne; uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Kuthe besuka lapho, abazalwane sebezwile ngathi, beza ukusihlangabeza baze bafika esikhungweni sika-Aphiyi naseTresi Thaberne, uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kuthe besuka lapho, abazalwane sebezwile ngathi, beza ukusihlangabeza baze bafika esikhungweni sika-Aphiyi naseTresi Thaberne, uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 28:15
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lindela uSimakade, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi. Yebo, lindela uSimakade.


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela uMose, wathi: “Akekho yini umfowenu u-Aroni ongumLevi na? Ngiyazi ukuthi uliciko lokukhuluma; bheka, uyeza uzokuhlangabeza, lapho ekubona uyothokoza enhliziyweni yakhe.


bathatha amagatsha esundu, baphuma bayomhlangabeza. Bamemeza bathi: “Hosana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Yebo, iNkosi yakwa-Israyeli!”


Kwathi ngaleyo mihla, uPhethro wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasibuthene lapho kwakungathi yi-120, wathi:


USimoni wayesewabiza, wawangenisa endlini yakhe. Ngakusasa wasuka wahamba nawo, ephelezelwa ngabazalwane abathile baseJopha.


Kuthe uPhethro esezofika khona, uKhorneliyu wamhlangabeza, wawa ngobuso, wathi mbo phansi ngasezinyaweni zikaPhethro, wakhuleka.


Abaphostoli nabazalwane baseJudiya bezwa ukuthi nabezizwe balemukele izwi likaNkulunkulu.


UMoya wayesethi kimi angihambe nawo ngingangabazi ngalutho. Bangiphelezela laba bazalwane abayisithupha, saze sayongena endlini yaleyo ndoda.


Esebathulisile ngesandla, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani ejele, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane ngalokho.” Waphuma, waya kwenye indawo.


Kepha kuthe seziphelile lezo zinsuku, saphuma sahamba, siphelezelwa yibo bonke, nomkabo nabantwana, baze basibeka ngaphandle komuzi. Saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka,


Safumana khona abazalwane, basimema ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; emveni kwalokho safika eRoma.


ngiyokuza ngesikhathi ngiya eSpaniya. Ngokuba ngiyethemba ukuthi ekwedluleni kwami, ngizakunibona, bese nina ningiphelezela nxa senganelisekile ukuhlala nani.


Kepha makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba ngoKhristu, nothaphukisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke.


nanxa ubuthaka bami babuyijoka kini, kodwa anizange ningicunukele noma ningenyanye. Nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunkulu, kwangathi nginguKhristu uqobo.


Ngakho-ke bazalwane, kulo lonke usizi nobunzima esasibhekene nakho, sagqugquzeleka ngani ngokukholwa kwenu.


Khumbulani ababoshiweyo kube sengathi nani luqobo niboshwe kanye nabo, nibakhumbule nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisesemzimbeni.


Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”


UDavide wayekhathazekile kakhulu, ngoba abantu base bebhunga ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, ngenxa yamadodana namadodakazi abo. Kepha uDavide wathola amandla kuSimakade uNkulunkulu wakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka