IsAmbulo 19:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngezwa kungathi izwi lesixuku esikhulu, kungathi izwi lamanzi amaningi, nanjengezwi lokuduma okukhulu, lithi: “Haleluya! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngase ngizwa kungathi izwi lesixuku esikhulu, linjengezwi lamanzi amaningi, nezwi lokuduma okunamandla, lithi: “Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uMninimandla onke, iyabusa. IsiZulu 2020 Ngase ngizwa okungathi yizwi lesixuku esikhulu, linjengokuhlokoma kwamanzi amaningi, nanjengezwi lokuduma okunamandla, lithi: “Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uSomandla, iyabusa. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngezwa kungathi izwi lesixuku esikhulu, kungathi izwi lamanzi amaningi, nanjengezwi lokuduma okukhulu, lithi: “Haleluya! |
Izwi lokuduma kwakho lalisezulwini; umbani wakhanyisa izwe, umhlaba wazamazama, wazamazama.
UJehova uyinkosi, wembethe ubukhosi; uJehova wembethe amandla, azibhincile; nezwe lilungisiwe, ukuze linganyakaziswa.
Jabulani kuJehova nina balungileyo; futhi ngenxa yokukhumbula ubungcwele Bakhe.
UJehova uyinkosi; bathuthumele abantu! Uhlezi phakathi kwamakherubi; umhlaba mawunyakaze.
Yeka ukuthi zithandeka kangakanani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula; oletha izindaba ezinhle, omemezela insindiso; othi kulo iZiyoni: UNkulunkulu wakho uyinkosi;
Khona izulu nomhlaba nakho konke okukukho kuyakujabula ngeBabele, ngokuba abachithi bayakufika kulo bevela enyakatho,” usho uJehova.
Lapho zihamba, ngezwa umsindo wamaphiko azo, njengomsindo wamanzi amaningi, njengezwi likaSomandla, nomsindo wokukhuluma, njengomsindo webutho; lapho emi, zehlisa amaphiko azo.
Bheka, inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yavela ngasempumalanga, nezwi lakhe lalinjengomsindo wamanzi amaningi, nomhlaba wakhanya ngenkazimulo yakhe.
Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.
Izinyawo zakhe zazifana nethusi elicwengekileyo, sengathi zishiswe esithandweni; lelizwi lakhe linjengomsindo wamanzi amanengi.
Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, isho iNkosi, ekhona, neyayikhona, nezayo, uMninimandla onke.
Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini, lithi: Manje isifikile insindiso, namandla, nombuso kaNkulunkulu wethu, namandla kaKristu wakhe; ebusuku.
Ngasengisizwa ilizwi livela ezulwini, linjengelizwi lamanzi amanengi, lelizwi lokuduma okukhulu, ngezwa ilizwi labahlabeleli bebetha amahabhu abo;
Emva kwalokho ngezwa izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini, lithi: “Haleluya! Insindiso, nenkazimulo, nodumo, namandla, makube eNkosini uNkulunkulu wethu;
Awa phansi amalunga angamashumi amabili nane nezidalwa ezine eziphilayo, akhuleka kuNkulunkulu ohlezi esihlalweni sobukhosi, athi: “Amen! Alleluya.
Angibonanga ithempeli kuwo, ngokuba iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke neWundlu bayithempeli lawo.
Esihlalweni sobukhosi kuphuma imibani, nokuduma, namazwi, nezibani zomlilo eziyisikhombisa zivutha phambi kwesihlalo sobukhosi, ezingoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu.
Ngase ngibona lapho iWundlu livula olunye lwezimpawu, ngezwa esinye sezidalwa ezine eziphilayo sithi, njengezwi lokuduma: “Woza ubone!
Ingelosi yasithatha umcengezi wempepho, yawugcwalisa ngomlilo we-altare, yawuphonsa emhlabeni; kwase kuba khona amazwi, nokuduma, nemibani, nokuzamazama komhlaba.