Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 19:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Awa phansi amalunga angamashumi amabili nane nezidalwa ezine eziphilayo, akhuleka kuNkulunkulu ohlezi esihlalweni sobukhosi, athi: “Amen! Alleluya.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ayesewa phansi amalunga angamashumi amabili nane kanye nezidalwa ezine, akhuleka kuNkulunkulu ohlezi esihlalweni sobukhosi, athi: “Amen! Haleluya!”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Amalunga angama-24 ayesethi mbo ngobuso, kanye nezidalwa ezine, akhuleka kuNkulunkulu ohleli esihlalweni sobukhosi, athi: “Amen! Haleluya!”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Awa phansi amalunga angamashumi amabili nane nezidalwa ezine eziphilayo, akhuleka kuNkulunkulu ohlezi esihlalweni sobukhosi, athi: “Amen! Alleluya.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 19:4
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kuze kube phakade naphakade. Bonke abantu bathi: “Amen,” futhi bamdumisa uJehova.


Nami nganyakazisa ingubo yami, ngathi: “Ngakho uNkulunkulu uyanyakazisa, kube yilowo nalowo endlini yakhe nasemsebenzini wakhe ongasigcwalisi lesi sithembiso; naye makavuthululwe kanjalo, angenalutho. Ibandla lonke lathi: Amen, lidumise uJehova. Abantu benza njengesithembiso.


U-Ezra wambonga uJehova, uNkulunkulu omkhulu. Bonke abantu baphendula bathi: Amen, amen, ngokuphakamisa izandla zabo; bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka kuJehova, ubuso babo bubheke phansi.


Izoni maziqedwe emhlabeni, kungabe kusaba khona ababi. Mbonge uJehova, mphefumulo wami; Dumisani uJehova.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kusukela phakade kuze kube phakade, bathi bonke abantu: Amen! Dumisani uJehova.


Makabongwe uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Amen, futhi Amen.


Futhi igama lakhe elikhazimulayo malituswe ingunaphakade, futhi umhlaba wonke mawugcwaliswe ngenkazimulo yakhe; Amen, futhi Amen.


Makabongwe uJehova kuze kube phakade. Amen, futhi Amen.


Umprofethi uJeremiya wathi: “Amen, uJehova uyakwenza lokhu: uJehova uyakugcwalisa amazwi akho owaprofethayo ukubuyisela izitsha zendlu kaJehova nakho konke okwathunjwa eBhabhiloni kuyiswe kule ndawo.


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.


Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.


Uma kungenjalo, nxa ubonga ngomoya, lowo ohlezi endaweni yongafundile angasho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho, lokhu engakwazi okushoyo na?


Esinye sezidalwa ezine eziphilayo sanika izingelosi eziyisikhombisa izitsha zegolide eziyisikhombisa zigcwele ulaka lukaNkulunkulu ophilayo kuze kube phakade naphakade.


Emva kwalokho ngezwa izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini, lithi: “Haleluya! Insindiso, nenkazimulo, nodumo, namandla, makube eNkosini uNkulunkulu wethu;


Baphinda bathi: Haleluya. Futhi umusi wawo wenyuka kuze kube phakade naphakade.


Ngezwa kungathi izwi lesixuku esikhulu, kungathi izwi lamanzi amaningi, nanjengezwi lokuduma okukhulu, lithi: “Haleluya!


Izidalwa ezine eziphilayo zathi: Ameni. Abadala abangamashumi amabili nane bawa phansi, bakhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade naphakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka