Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 19:4 - IsiZulu 2020

4 Amalunga angama-24 ayesethi mbo ngobuso, kanye nezidalwa ezine, akhuleka kuNkulunkulu ohleli esihlalweni sobukhosi, athi: “Amen! Haleluya!”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ayesewa phansi amalunga angamashumi amabili nane kanye nezidalwa ezine, akhuleka kuNkulunkulu ohlezi esihlalweni sobukhosi, athi: “Amen! Haleluya!”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Awa phansi amalunga angamashumi amabili nane nezidalwa ezine eziphilayo, akhuleka kuNkulunkulu ohlezi esihlalweni sobukhosi, athi: “Amen! Alleluya.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Awa phansi amalunga angamashumi amabili nane nezidalwa ezine eziphilayo, akhuleka kuNkulunkulu ohlezi esihlalweni sobukhosi, athi: “Amen! Alleluya.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 19:4
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Bonke abantu bathi: “Amen,” bamdumisa uSimakade.


Ngase ngithintitha umphetho wengubo yami, ngathi: “Sengathi uNkulunkulu angamvuthulula kanjalo noma ngubani ongeyukusigcina lesi sivumelwano; endlini nasempahleni, angamshiyeli lutho.” Yonke inhlangano yaphendula yathi: “Amen!” Yadumisa uSimakade. Yenza njengoba yayethembisile.


U-Ezra wamdumisa uSimakade uNkulunkulu, bonke abantu baphendula, bathi: “Amen! Amen,” bephakamise izandla zabo, bakhothama, bathi mbo ngobuso emhlabathini, bakhuleka kuNkulunkulu.


Izoni maziphele emhlabeni, kungabe kusaba bikho zikhohlakali. Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, Haleluya!


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Abantu bonke mabathi: “Amen.” Haleluya!


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Amen, Amen.


Malibongwe igama lakhe elikhazimulayo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.


Makabongwe uSimakade, kuze kube phakade. Amen, Amen.


yebo, umphrofethi uJeremiya, wathi: “Amen, makenze kanjalo uSimakade, awafakazele amazwi akho owaphrofethile, ngokubuyisela izitsha zendlu kaSimakade, nabo bonke abathunjelwa eBhabhele, kule ndawo.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


Uma ngingenzi kanjalo lowo ongazi lutho uyosho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho na? Lokhu akazi ukuthi uthini.


Esinye sezidalwa ezine sanika izingelosi eziyisikhombisa izitsha zegolide, zigcwele ulaka lukaNkulunkulu ophilayo kuze kube phakade naphakade.


Emveni kwalokho, ngezwa sengathi izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini, lithi: “Haleluya! Insindiso, inkazimulo, namandla ngokukaNkulunkulu wethu,


Bathi ngokwesibili: “Haleluya! Intuthu evela kuso yenyuka kuze kube phakade naphakade.”


Ngase ngizwa okungathi yizwi lesixuku esikhulu, linjengokuhlokoma kwamanzi amaningi, nanjengezwi lokuduma okunamandla, lithi: “Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uSomandla, iyabusa.


Nezidalwa ezine, zathi: “Amen,” namalunga awa phansi athi mbo, akhuleka.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka