Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso kanyoko, engamala na? Kumbe ngubani kwabakweletayo engithengise kuye? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangenxa yeziphambeko zenu unyoko walahlwa.
Hoseya 4:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngalokho uyakuwa emini, nomprofethi awe kanye nawe ebusuku, ngichithe unyoko. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mpristi, uyakukhubeka emini, kukhubeke umprofethi kanye nawe ebusuku; nonyoko ngiyakumbhubhisa. IsiZulu 2020 Uyokhubeka emini kwabha, nomphrofethi akhubeke kanye nawe ebusuku, ngimbhubhise nonyoko. |
Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso kanyoko, engamala na? Kumbe ngubani kwabakweletayo engithengise kuye? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangenxa yeziphambeko zenu unyoko walahlwa.
Abafelokazi babo bandile kimi kunesihlabathi solwandle; Ngavele ngamwisa phezu kwalo futhi ukwesaba phezu komuzi.
Inhliziyo yami yephukile phakathi kwami ngenxa yabaprofethi; onke amathambo ami ayathuthumela; Nginjengomuntu odakiwe futhi njengomuntu onqobile iwayini ngenxa kaJehova nangenxa yamazwi akhe angcwele.
Unyoko uyakuba namahloni kakhulu; uyakujabha owakuzalayo; bheka, ekugcineni kwezizwe kuyakuba yihlane, izwe elomileyo, nogwadule.
Ndodana yomuntu, la madoda abeke izithombe zawo ezinhliziyweni zawo, abeka phambi kwawo isikhubekiso sobubi bawo; kufanele ngikhulume nabo nhlobo?
Mlaseni unyoko, ngokuba akasiye umkami, nami angisiye umyeni wakhe; khona-ke makasuse ubufebe bakhe nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe;
Ngoba unina uphingile; owawazala wenza okuhlazisayo; ngokuba wathi: “Ngiyakulandela izithandwa zami ezinginika isinkwa sami namanzi ami, uboya bezimvu bami nelineni lami, amafutha ami nesiphuzo sami.”
Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe; ngalokho u-Israyeli no-Efrayimi bayakuwa ebubini babo; uJuda naye uzowa kanye nabo.
Ngabulala abelusi abathathu ngenyanga eyodwa; umphefumulo wami wanengwa yizo, zanengwa nami.
“Ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyosusa amagama onkulunkulu ezweni, ukuze bangabe besakhunjulwa; futhi ngiyobangela abaprofethi nomoya ongcolile ukuphuma ezweni.