Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseGalathiya 4:26 - Contemporary Zulu Bible 2024

26 Kodwa iJerusalema eliphezulu likhululekile, elingumama wethu sonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lona lingumame wethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

26 Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lingumama wethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Kodwa iJerusalema eliphezulu likhululekile, elingumama wethu sonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseGalathiya 4:26
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso kanyoko, engamala na? Kumbe ngubani kwabakweletayo engithengise kuye? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangenxa yeziphambeko zenu unyoko walahlwa.


Jabulani ngokuthokoza, nihlabelele kanyekanye, nina manxiwa aseJerusalema, ngokuba uJehova ubaduduzile abantu bakhe, ulihlengile iJerusalema.


Kodwa thokozani, lethabe kuze kube nininini ngengikudalayo;


Thokozani kanye neJerusalema, nithokoze kanye nalo, nina nonke enilithandayo; jabulani kanye nalo, nonke abalilelayo.


Mlaseni unyoko, ngokuba akasiye umkami, nami angisiye umyeni wakhe; khona-ke makasuse ubufebe bakhe nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe;


Ngoba unina uphingile; owawazala wenza okuhlazisayo; ngokuba wathi: “Ngiyakulandela izithandwa zami ezinginika isinkwa sami namanzi ami, uboya bezimvu bami nelineni lami, amafutha ami nesiphuzo sami.”


Ngalokho uyakuwa emini, nomprofethi awe kanye nawe ebusuku, ngichithe unyoko.


Niyakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu ohlezi eSiyoni, intaba yami engcwele; khona iJerusalema liyakuba ngcwele, abafokazi abasayikulidabula futhi.


Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.


Ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu, ngokuba aniphansi komthetho, kodwa niphansi komusa.


Senikhululiwe esonweni, naba yizigqila zokulunga.


Ngokuba kulotshiwe ukuthi u-Abrahama wayenamadodana amabili, enye kweyesigqilakazi, enye kowesifazane okhululekileyo.


Ngokuba u-Agari lo uyintaba yaseSinayi e-Arabiya, imelela iJerusalema elikhona manje, lisebugqileni kanye nabantwana bayo.


Ngakho yimani niqinile enkululekweni uKristu asikhulule ngayo, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.


Ngokuba indaba yethu isezulwini; lapho futhi silindele khona uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu.


Kepha nize entabeni yaseSiyoni, nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, naseviyo lezingelosi ezingenakubalwa.


njengabakhululekileyo, njalo lingasebenzisi inkululeko yenu njengesigubuzelo sobubi, kodwa njengezinceku zikaNkulunkulu.


Kwabonakala isibonakaliso esikhulu ezulwini; owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili;


Ebunzini lakhe kwakulotshwe igama eliyimfihlakalo, iBhabhiloni ENKULU, UNINA WEZIFEBE NOWAZINYANYAYO ZOMHLABA.


Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela kuNkulunkulu ezulwini, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe.


Onqobayo ngiyakumenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasayikuphuma ephuma, futhi ngiyakuloba phezu kwakhe igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, oyiJerusalema elisha, owehla ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobhala phezu kwakhe igama lami elisha.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka