Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 2:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Mlaseni unyoko, ngokuba akasiye umkami, nami angisiye umyeni wakhe; khona-ke makasuse ubufebe bakhe nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Phikisanani nonyoko, niphikisane, ngokuba akasiye umkami, nami angisiyo indoda yakhe; makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe, nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 “Phikisanani nonyoko, nimmangalele, ngokuba akayena umkami, nami angiyona indoda yakhe. Makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe, nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 2:2
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Iyakuphakamisela izizwe ibhanela, ibuthe abaxoshiweyo bakwa-Israyeli, ibuthe abahlakazekileyo bakwaJuda emagumbini omane omhlaba.


Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso kanyoko, engamala na? Kumbe ngubani kwabakweletayo engithengise kuye? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangenxa yeziphambeko zenu unyoko walahlwa.


Memeza kakhulu, ungahawukeli, phakamisa izwi lakho njengecilongo, umemezele abantu bami isiphambeko sabo, nendlu kaJakobe izono zayo.


uthi: ‘Yizwani izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nani bakhileyo eJerusalema. Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo; ozwayo, izindlebe zakhe ziyonkeneneza.


Hamba umemeze ezindlebeni zeJerusalema uthi: Usho kanje uJehova; Ngicabanga ngawe, umusa wobusha bakho, uthando lomshado wakho, lapho ungilandela ogwadule, ezweni elingatshalwanga.


Bathi: “Uma indoda ilahla umkayo, bese emlahla, abe ngowenye indoda, ingabe isabuyela kuye na? ngeke yini lowo mhlaba ungcoliswe kakhulu? kepha wena ufebile nezithandwa eziningi; buyelani kimi,” usho uJehova.


Vuma kuphela ububi bakho, ukuthi weqe kuJehova uNkulunkulu wakho, wahlakaza izindlela zakho kwabafokazi phansi kwayo yonke imithi eluhlaza, anililalelanga izwi lami, usho uJehova.


Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyohamba nendlu ka-Israyeli, futhi bayohlangana ndawonye besuka ezweni lasenyakatho baye ezweni engalinika okhokho benu njengefa.


Futhi wathatha amadodana akho namadodakazi akho owangizalela wona, wawanikela ukuba adliwe. Kuyinto encane yini ubufebe bakho,


Wakha indawo ephakemeyo kuzo zonke izinhloko zemigwaqo, wenza ubuhle bakho baba yisinengiso, wavulela bonke abadlulayo izinyawo zakho, wandisa ubufebe bakho.


Uyathanda ukubahlulela, ndodana yomuntu, uyathanda ukubahlulela na? mabazazi izinengiso zawoyise;


Ngase ngithi kuye osemdala ngokuphinga: Kalokhu bayakuphinga naye, yena kanye nabo, na?


Futhi amadoda alungile, ayobahlulela ngokwendlela yeziphingi nangokwendlela yabesifazane abachitha igazi; ngoba bayiziphingi, legazi lisesandleni sabo.


Ukuqala kwezwi likaJehova ngoHoseya. UJehova wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele isifebe nabantwana besifebe, ngokuba izwe lifebe kakhulu ngokusuka kuJehova.


Yishoni kubafowenu ukuthi: ‘Ami! nakodadewenu uRuhama.


Ngoba unina uphingile; owawazala wenza okuhlazisayo; ngokuba wathi: “Ngiyakulandela izithandwa zami ezinginika isinkwa sami namanzi ami, uboya bezimvu bami nelineni lami, amafutha ami nesiphuzo sami.”


Ngalokho uyakuwa emini, nomprofethi awe kanye nawe ebusuku, ngichithe unyoko.


Umfohli uyakhuphuka phambi kwabo; babhodloza bangena ngesango baphuma ngalo; inkosi yabo iyakuphuma phambi kwabo, noJehova eyinhloko yabo.


Ngakho-ke kusukela manje asisazi muntu ngokwenyama; yebo, noma sesimazi uKristu ngokwenyama, nokho kusukela manje asisamazi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka