Kepha wena wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, wenza ukuba uJuda nabakhileyo eJerusalema baphinge, njengezifebe zendlu ka-Ahabi, wabulala nabafowenu bendlu kayihlo ababengcono kunawe;
Hoseya 1:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ukuqala kwezwi likaJehova ngoHoseya. UJehova wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele isifebe nabantwana besifebe, ngokuba izwe lifebe kakhulu ngokusuka kuJehova. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lapho uJehova eqala ukukhuluma ngoHoseya, uJehova wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bophingayo, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uJehova.” IsiZulu 2020 Lapho uSimakade eqala ukukhuluma ngoHoziya, wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bokuphingwa, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uSimakade.” |
Kepha wena wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, wenza ukuba uJuda nabakhileyo eJerusalema baphinge, njengezifebe zendlu ka-Ahabi, wabulala nabafowenu bendlu kayihlo ababengcono kunawe;
Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili; bangishiyile mina, mthombo wamanzi aphilayo, bazimbele imithombo, imithombo eqhekekileyo, engagcini manzi.
Ngokuba ngaphulile ijoka lakho endulo, ngaphula izibopho zakho; wena wathi: Kangiyikweqa; lapho nizulazula niphinga kuwo wonke amagquma aphakeme naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.
Ungasho kanjani ukuthi: ‘Angingcoliswanga, angibalandelanga oBali? bheka indlela yakho esigodini, yazi okwenzileyo; wena uyinkana yenkazana enejubane, ehamba ngezindlela zayo;
Kwasekusithi ngobubi bobufebe balo, langcolisa ilizwe, laphinga lamatshe langezinduku.
Abaphunyukileyo kini bayakungikhumbula phakathi kwezizwe abayothunjelwa kuzo, ngokuba ngiphukile izinhliziyo zabo eziyisifebe ezingishiyileyo namehlo abo aphinga nezithombe zabo; banengwe ngenxa yobubi ababenzile kuzo zonke izinengiso zabo.
Uyakuxosha izithandwa zakhe, kepha aziyikuzifica; futhi uyozifuna, kodwa angazitholi; khona-ke uzakuthi: Ngizahamba ngibuyele endodeni yami yokuqala; ngoba ngaleso sikhathi kwakungcono ngami kunamanje.
Wayesethi uJehova kimi: “Hamba, uthande owesifazane othanda umngane wakhe, kepha oyisiphingi, njengokuthanda kukaJehova kubantwana bakwa-Israyeli, ababheka abanye onkulunkulu nabathanda imigodla yewayini.
Mina ngiyamazi u-Efrayimi, no-Israyeli akacashile kimi; ngokuba manje, Efrayimi, uyafeba, u-Israyeli ungcolile.
UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, wena uyakulala koyihlo; lababantu bayakusukuma baphinge nonkulunkulu babafokazi bezwe abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bangilahle, baphule isivumelwano sami engasenza nabo.
Banamehlo agcwele ukuphinga, abangayeki esonweni; bekhohlisa imiphefumulo engazinzile: nenhliziyo efundiswe ukuhaha; izingane eziqalekisiwe:
Ebunzini lakhe kwakulotshwe igama eliyimfihlakalo, iBhabhiloni ENKULU, UNINA WEZIFEBE NOWAZINYANYAYO ZOMHLABA.