U-Eliya wayesesondela kubo bonke abantu, wathi: “Koze kube nini nimi phakathi kwenhliziyo ezimbili na?” uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni; kepha uma kunguBali, mlandeleni. Isixuku asimphendulanga ngazwi.
EkaJakobe 1:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umuntu onhliziyombili kagxilile kuzo zonke izindlela zakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE umuntu onhliziyombili oguquguqukayo ezindleleni zakhe zonke. IsiZulu 2020 ngokuba ungumuntu ongqondo imbaxambili, engazinzile ezindleleni zakhe zonke. Baasraak Zulu New Testament Bible Umuntu onhliziyombili kagxilile kuzo zonke izindlela zakhe. |
U-Eliya wayesesondela kubo bonke abantu, wathi: “Koze kube nini nimi phakathi kwenhliziyo ezimbili na?” uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni; kepha uma kunguBali, mlandeleni. Isixuku asimphendulanga ngazwi.
Babemesaba uJehova, bakhonza onkulunkulu babo njengezizwe ababezithumbile lapho.
Lezi zizwe zamesaba uJehova, zakhonza izithombe zazo ezibaziweyo, nabantwana bazo, nabantwana babantwana bazo; njengoba kwenza oyise, benze njalo kuze kube lamuhla.
Ngalokho uJehova wathi: “Ngokuba laba bantu basondela kimi ngomlomo wabo, bangidumisa ngezindebe zomlomo wabo, kepha inhliziyo yabo ikude nami, nokungesaba kwabo kufundiswa ngomyalo wabantu.
Inhliziyo yabo yahlukene phakathi; manje bayotholakala bentula; uyakuwadiliza ama-altare abo, achithe izithombe zabo.
Isibani somzimba yiso; ngakho uma iso lakho lilihle, umzimba wakho wonke uyakuba nokukhanya.
Akakho ongakhonza amakhosi amabili, ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma ibambelele kwenye, idelele enye. Anikwazi ukukhonza uNkulunkulu noMamona.
Sondelani kuNkulunkulu, laye uzasondela kini. Hlambululani izandla nina zoni; nihlanze izinhliziyo zenu nina eninhliziyombili.
Banamehlo agcwele ukuphinga, abangayeki esonweni; bekhohlisa imiphefumulo engazinzile: nenhliziyo efundiswe ukuhaha; izingane eziqalekisiwe:
njengalokhu nakuzo zonke izincwadi zakhe, ekhuluma kuzo ngalezizinto; okukhona kuzo ezinye izinto ezilukhuni ukuzwisiswa, okuthi abangafundileyo nabangazinzile bazihlanekezele, njengokuba benza neminye imibhalo, kube ngukubhujiswa kwabo.