Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




EkaJakobe 1:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 umuntu onhliziyombili oguquguqukayo ezindleleni zakhe zonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 ngokuba ungumuntu ongqondo imbaxambili, engazinzile ezindleleni zakhe zonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Umuntu onhliziyombili kagxilile kuzo zonke izindlela zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Umuntu onhliziyombili kagxilile kuzo zonke izindlela zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




EkaJakobe 1:8
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Eliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: “Koze kube nini nimanqikanqika phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni yena, kepha uma kunguBali, mlandeleni yena.” Kodwa abantu kabamphendulanga ngazwi.


Bamesaba uJehova, bakhonza nawonkulunkulu babo njengomthetho wezizwe ababesuswe phakathi kwazo.


Zesaba-ke lezo zizwe uJehova, kepha zakhonza izithombe zazo ezibaziweyo, kanjalo nabantwana bazo nabantwana babantwana bazo; njengalokho benzile oyise, benze njalo nabo kuze kube namuhla.


Ngiyabazonda abanhliziyo mbili, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda.


Yathi iNkosi: “Ngenxa yokuba laba bantu besondela, bangidumise ngemilomo yabo nangezindebe zabo, kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo, nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,


Inhliziyo yabo yayahlukene; uyakuwaphula ama-altare abo, achithe izinsika zabo.


“Isibani somzimba yiso. Ngakho uma iso lakho lilihle, uzakukhanya umzimba wakho wonke.


“Akakho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye, noma abambelele kwenye, adelele enye. Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.*


Ngakho makangasho lowo muntu ukuthi uyakwamukeliswa utho yiNkosi,


sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.


benamehlo agcwele ukuphinga nangayeki izono, bayenga imiphefumulo engaqinile, benenhliziyo ejwayele ukufisa, abantwana bokuqalekiswa,


njengalokhu nasezincwadini zonke ekhuluma kuzo ngalezo zinto, okukhona kuzo okunye okulukhuni ukuzwisiswa, okuthi abangafundile nabangaqinile bakuhlanekezela, njengalokhu benze njalo nangezinye izincwadi, kube ngukubhujiswa kwabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka