Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 6:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 Akakho ongakhonza amakhosi amabili, ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma ibambelele kwenye, idelele enye. Anikwazi ukukhonza uNkulunkulu noMamona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 “Akakho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye, noma abambelele kwenye, adelele enye. Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.*

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

24 “Akekho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma abambelele kwenye, ayedelele enye. Ningeke nakhonza uNkulunkulu noMamona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Akakho ongakhonza amakhosi amabili, ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma ibambelele kwenye, idelele enye. Anikwazi ukukhonza uNkulunkulu noMamona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 6:24
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Base beletha izinkomo zabo kuJosefa; uJosefa wabanika isinkwa ngamahhashi, nangezimvu, nangezinkomo, nangezimbongolo;


U-Eliya wayesesondela kubo bonke abantu, wathi: “Koze kube nini nimi phakathi kwenhliziyo ezimbili na?” uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni; kepha uma kunguBali, mlandeleni. Isixuku asimphendulanga ngazwi.


Lezi zizwe zamesaba uJehova, zakhonza izithombe zazo ezibaziweyo, nabantwana bazo, nabantwana babantwana bazo; njengoba kwenza oyise, benze njalo kuze kube lamuhla.


Nina-ke ndlu yakwa-Israyeli, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Hambani nikhonze, kube yilowo nalowo izithombe zakhe, kuthi ngasemuva, uma ningangilaleli; kodwa ningabe nisangcolisa igama lami elingcwele ngezipho zenu nangezithombe zenu.


Lalabo abakhonza ibandla lezulu phezu kwezindlu; nabakhuleka kuye, bafunge uJehova, nabafunga ngoMalikamu;


Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.


Ngakho-ke uma ningathembekanga kokukaMamona ongalungile, ngubani oyakuniphathisa okuqinisileyo na?


Ayikho inceku engakhonza amakhosi amabili, ngokuba iyakuzonda enye, ithande enye; noma ibambelele kwenye, idelele enye. Anikwazi ukukhonza uNkulunkulu noMamona.


Nami ngithi kini: Zenzeleni nina abangane ngoMamona ongalungile; ukuze kuthi, nxa niphela, banamukele ezindlini eziphakade.


Ngokuba manje ngiyabancenga abantu noma uNkulunkulu na? noma ngifuna ukujabulisa abantu na? ngoba uma ngisathokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKristu.


Yala abanothileyo kulomhlaba ukuthi bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebweni engaqinisekile, kodwa mabathembele kuNkulunkulu osinika ngokucebile konke ukuba sikujabulele;


Ngokuba uDema ungishiyile, ethanda leli zwe lamanje, waya eThesalonika; uKreske eGalathiya, uThithu eDalmatiya.


Ziphingi neziphingi, anazi yini ukuthi ubungane bezwe bungubutha kuNkulunkulu? ngakho loba ngubani othanda ukuba ngumngane welizwe uyisitha sikaNkulunkulu.


Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, zikhetheleni namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza; noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo ababephesheya komfula, nonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.


USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu yakwa-Israyeli, wathi: “Uma niphendukela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani onkulunkulu babezizwe no-Ashitaroti phakathi kwenu, nilungise izinhliziyo zenu kuJehova, nimkhonze yena yedwa. Uyokusindisa esandleni samaFilisti.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka