Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




EkaJakobe 1:8 - IsiZulu 2020

8 ngokuba ungumuntu ongqondo imbaxambili, engazinzile ezindleleni zakhe zonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 umuntu onhliziyombili oguquguqukayo ezindleleni zakhe zonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Umuntu onhliziyombili kagxilile kuzo zonke izindlela zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Umuntu onhliziyombili kagxilile kuzo zonke izindlela zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




EkaJakobe 1:8
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Eliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: “Kuyoze kube nini ninqikaza phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uSimakade enguNkulunkulu, mlandeleni Yena, kodwa uma kunguBhali, landelani yena.” Kepha abantu kabamphendulanga ngazwi.


Bamesaba uSimakade, baqhubeka nokukhonza onkulunkulu babo njengomthetho wezizwe ababethunjwe phakathi kwazo.


Lezi zizwe zesaba uSimakade, kodwa zakhonza izithombe zazo ezibaziweyo, kanjalo nabantwana bazo, nabantwana babantwana bazo; njengalokhu benzile oyise, zenza kanjalo nazo kuze kube namuhla.


Ngiyabazonda abanhliziyo mbili, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda.


INkosi yathi: “Ngenxa yokuthi laba bantu basondela kimi ngemilomo nje, futhi bangidumise ngezindebe zabo nje, izinhliziyo zabo zibe zikude nami, ukungidumisa kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,


Inhliziyo yabo inobuqili; manje-ke bayakulithwala icala labo. USimakade uyakuwacekela phansi ama-althare abo, abhidlize izinsika zabo ezingcwele.


“Isibani somzimba yiso. Ngakho-ke uma iso lakho lilihle, umzimba wakho wonke uzakukhanya.


“Akekho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma abambelele kwenye, ayedelele enye. Ningeke nakhonza uNkulunkulu noMamona.


Ngakho-ke lowo muntu makangasho ukuthi uyakwemukeliswa utho yiNkosi,


Sondelani kuNkulunkulu, naye uyakusondela kini. Hlanzani izandla, nina zoni, nihlambulule izinhliziyo, nina bonhliziyombili.


Banamehlo agcwele ukulangazelela ukuphinga, futhi awakuyeki ukona. Bayenga ababuthakathaka, banenhliziyo eyejwayele ukuba nomhobholo, bangabantu abaqalekisiweyo.


Kanjalo futhi nasezincwadini zakhe zonke uyakhuluma ngalezi zinto, okukho nakuzo okunzima ukuba kuqondakale, okuthe abangenalwazi nabantekenteke bakuhlanekezela, njengalokhu benze kanjalo nangezinye izincwadi, bazidonsela ukubhujiswa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka