Ukhuphula umlotha; inhliziyo ekhohlisayo imjikisile, ukuze angakwazi ukusindisa umphefumulo wakhe futhi angasho ukuthi: Akukho manga esandleni sami sokunene na?
EkaJakobe 1:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha yibani ngabenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa. IsiZulu 2020 Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo nje kuphela, nizikhohlisa. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha yibani ngabenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa. |
Ukhuphula umlotha; inhliziyo ekhohlisayo imjikisile, ukuze angakwazi ukusindisa umphefumulo wakhe futhi angasho ukuthi: Akukho manga esandleni sami sokunene na?
INkosi yasisithi kimi: Memeza wonke lamazwi emizini yakoJuda lezitaladeni zeJerusalema uthi: Zwanini amazwi alesisivumelwano, liwenze.
Ukuzidla kwenhliziyo yakho kukukhohlisile, wena ohlala emifantwini yedwala, okhaya lakho liphakeme; othi enhliziyweni yakhe: “Ngubani oyakungehlisela phansi na?
Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini nguye ongumfowethu, nodadewethu, nomame.
nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.
Kodwa yena wathi: Yebo kodwa kakhulu babusisiwe abalizwayo ilizwi likaNkulunkulu, baligcine.
Ngokuba akusibo abezwa umthetho abalungile phambi kukaNkulunkulu, kepha abenza umthetho yibona abayakulungisiswa.
Makungabikho ozikhohlisayo. Uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kuleli zwe, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.
Anazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa: nazifebe, nabakhonza izithombe, naziphingi, nabesilisa abalalanayo, nabesilisa abalalanayo,
Ningakhohliswa; UNkulunkulu akahlekwa, ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu uyakuvuna kona futhi.
Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhle, konke okulungileyo, konke okuhlanzekileyo, konke okuthandekayo, konke okutusekayo; uma kukhona okuhle, noma kukhona ukubongwa, zindlani ngalezizinto.
Nanoma yini eniyenzayo, ngezwi noma ngomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngayo.
Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.
Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sikhohliswa, sikhonza izinkanuko nezinjabulo ezihlukahlukene, siphila ebubini nomhawu, sizondwa, sizondana.
Uma umuntu phakathi kwenu ecabanga ukuthi unokholo, engalubambi ngetomu ulimi lwakhe, ekhohlisa eyakhe inhliziyo, ukukholwa kwalowo kuyize.
Lingakhulumi kubi, bazalwane. Ohlambalaza umzalwane wakhe, ahlulele umzalwane wakhe, ukhuluma kabi ngomthetho, wahlulela umthetho;
njalo bayakwamukeliswa umvuzo wokungalungi, njengabathi kuyintokozo ukwenza impinda emini. Bangamabala nezisihla, bedlala ngenkohliso yabo, besidla nani;
Bantwanyana, maningadukiswa muntu; owenza ukulunga ulungile, njengokuba naye elungile.
Sithandwa, ungalandeli okubi, kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kepha owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.
Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.