Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 11:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 INkosi yasisithi kimi: Memeza wonke lamazwi emizini yakoJuda lezitaladeni zeJerusalema uthi: Zwanini amazwi alesisivumelwano, liwenze.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Wayesethi uJehova kimi: “Memeza onke lawa mazwi emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, uthi: ‘Zwanini amazwi alesi sivumelwano, niwenze.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 USimakade wayesethi kimi: “Memezela wonke lawa mazwi emizini kwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema, uthi: ‘Yizwani amazwi alesi sivumelwano, niwenze.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 11:6
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ongayisebenzisi imali yakhe ekuzuzeni inzalo, ongathathi nzuzo kongenacala. Owenza lezi zinto akasoze antengantenga.


Memeza kakhulu, ungahawukeli, phakamisa izwi lakho njengecilongo, umemezele abantu bami isiphambeko sabo, nendlu kaJakobe izono zayo.


Uphume uye esigodini sendodana kaHinomu esisesikhaleni sesango lasempumalanga, umemezele khona amazwi engizowakhuluma kini:


Hamba umemeze ezindlebeni zeJerusalema uthi: Usho kanje uJehova; Ngicabanga ngawe, umusa wobusha bakho, uthando lomshado wakho, lapho ungilandela ogwadule, ezweni elingatshalwanga.


Hamba umemeze lawa mazwi enyakatho, uthi: ‘Buya, Israyeli onengeka,’ usho uJehova; futhi ngeke ngivumele intukuthelo yami ikwehlele phezu kwenu; ngoba ngilesihawu, kutsho uJehova, njalo kangiyikugcina intukuthelo kuze kube nininini.


Yima esangweni lendlu kaJehova, umemeze khona leli zwi, uthi: ‘Yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda abangena ngalawa masango ukukhuleka kuJehova.


Akufanele yini uzwe amazwi uJehova awamemeza ngesandla sabaprofethi bokuqala lapho iJerusalema lalakhiwe futhi liphumelela kanye nemizi yalo nxazonke zalo, lapho abantu behlala eningizimu nasethafeni?


Uma nazi lezizinto, nibusisiwe uma nizenza.


Ngokuba akusibo abezwa umthetho abalungile phambi kukaNkulunkulu, kepha abenza umthetho yibona abayakulungisiswa.


Zwana-ke, Israyeli, izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, ukuze niphile, ningene, nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.


Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo, njengalokho uJehova uNkulunkulu wami engiyalile, ukuba nenze kanjalo ezweni eningena kulo ukulidla.


Kepha yibani ngabenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka