Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseGalathiya 6:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Ngokuba uma kukhona ozishaya utho abe engelutho, uyazikhohlisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseGalathiya 6:3
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ozincoma ngesipho samanga unjengamafu nomoya okungenamvula.


Uyambona umuntu ohlakaniphileyo emehlweni akhe na? kukhona ithemba ngesiwula kunaso.


UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: “Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu, abaphangi, abangalungile, iziphingi, nanjengalo mthelisi.


Ngokuba ngaphambi kwalezi zinsuku kwasuka uThewuda, ezishaya utho; okwazihlanganisa naye isibalo sabantu kungathi abangamakhulu amane; bonke abamlalelayo bahlakazeka, baba yize.


Yibani nomqondo munye omunye komunye. Ningagxili ezintweni eziphakeme, kodwa zehliseni kwabaphansi. Ningahlakaniphi ngokwenu.


Ngoba ngomusa engiwuphiweyo, ngithi kuwo wonke umuntu ophakathi kwenu ukuthi angazicabangeli ngaphezu kwalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa.


Noma nginesiphiwo sokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke; noma nginokukholwa konke, ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.


Makungabikho ozikhohlisayo. Uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kuleli zwe, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.


Uma umuntu ecabanga ukuthi wazi utho, akakazi njengalokhu kufanele ukuba azi.


Sengibe yisiwula ngokuzibonga; ningiphoqile nina, ngokuba mina bekufanele ukuba nginconywe yinina, ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abakhulu kunabo bonke, noma ngingelutho.


Kungesikho ukuthi siyenelisa ngokwethu ukucabanga utho njengoluvela kithi; kodwa ukwenelisa kwethu kuvela kuNkulunkulu;


Kodwa kulaba abathi banje, (loba babeyini, kakunandaba kimi, uNkulunkulu kakhethi ubuso bamuntu;


Kwathi oJakobe, noKhefase, noJohane, ababebonakala beyizinsika, bebona umusa engiwuphiweyo, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana; ukuze siye kwabezizwe, bona baye kwabasokile.


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.


Kepha yibani ngabenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa.


Uma umuntu phakathi kwenu ecabanga ukuthi unokholo, engalubambi ngetomu ulimi lwakhe, ekhohlisa eyakhe inhliziyo, ukukholwa kwalowo kuyize.


Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka