AmaHubo 8:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umuntu uyini ukuthi umkhumbule? nendodana yomuntu ukuthi uyivakashele na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE umuntu uyini ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na? IsiZulu 2020 uyini umuntu ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na? |
UNkulunkulu wathi: “Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso zehlukanise imini nobusuku; futhi mazibe izibonakaliso nezinkathi nezinsuku neminyaka.
Zase zimphuzisa uyise iwayini nangabo lobo busuku, encane yasuka yalala naye; futhi akabonanga lapho elala nalapho evuka.
UJehova wamhambela uSara njengokukhuluma kwakhe, uJehova wenza kuSara njengokukhuluma kwakhe.
Kodwa ingabe ngempela uNkulunkulu uyohlala nabantu emhlabeni? bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; kakhulu kangakanani le ndlu engiyakhileyo!
Ngikhumbule, Jehova, ngokwentando yakho enhle kubantu bakho; ngihambele ngensindiso yakho;
O bantwana babantu, koze kube nini inkazimulo yami ihlazekile? Koze kube nini nithanda okuyize nifuna inkokhelo na? Sela.
Isandla sakho masimelane nomuntu wesandla sakho sokunene, phezu kwendodana yomuntu oziqinisele yona.
Abantu bakholwa, sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ulubonile usizi lwabo, bakhothama, bakhuleka.
Zonke izizwe zinjengento engelutho phambi kwakhe; babalwa kuye njengabancane kunalutho futhi kuyize.
Mina nginguye oniduduzayo: ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe njengotshani;
Wayesethi kimi: “Uyakubona lokhu, ndodana yomuntu na? Phenduka, njalo uzabona izinto ezesabekayo ezinkulu kulalezi.
UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda.
Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; ngokuba ubahambele, wabahlenga abantu bakhe;
Ziyakuwisa phansi wena nabantwana bakho phakathi kwakho; kabayikutshiya ilitshe phezu kwelinye; ngoba ubungasazi isikhathi sokuhanjelwa kwakho.
nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi, benihleba ngathi ningabenzi bokubi, babone imisebenzi yenu emihle abayoyibona, badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.