Ngokuba ngidle umlotha njengesinkwa, ngixubanise okuphuzwayo kwami nezinyembezi;
AmaHubo 42:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kungani udangale, mphefumulo wami? nikhathazekeleni kimi na? uthembele kuNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa oyimpiliso yobuso bami noNkulunkulu wami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa yena oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami. IsiZulu 2020 Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe. |
Ngokuba ngidle umlotha njengesinkwa, ngixubanise okuphuzwayo kwami nezinyembezi;
Kungani udangale, mphefumulo wami? nikhathazekeleni kimi na? uthembele kuNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa ngosizo lobuso bakhe.
Kungani udangale, mphefumulo wami? nikhathazekeleni kimi na? thembela kuNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa oyimpiliso yobuso bami noNkulunkulu wami.
Bangasho ngani abezizwe ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo na?” kakwaziwe phakathi kwezizwe phambi kwamehlo ethu ngokuphindisela kwegazi lezinceku zakho elachithwa.
Ngokuba ngiyakuphulukisa, ngipholise imivimbo yakho, usho uJehova; ngoba bakubize ngokuthi uyisigxotshiwe, besithi: Le yiZiyoni elingafunwa muntu.
Bheka, ngiyakubalethela ukuphila nokuphulukiswa, ngibaphulukise, ngibambulele ukuchichima kokuthula neqiniso.
Abapristi, izinceku zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme ne-altare, bathi: ‘Hawukela abantu bakho, Jehova, unganikeli ifa lakho libe yihlazo, ukuze abezizwe babuse phezu kwabo; bangasho ngani phakathi kwabantu ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo na?
Kodwa uJesu ekuzwa wathi kubo: Abaphilileyo kabadingi melaphi, kodwa abagulayo.