Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 43:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngahlulele, Nkulunkulu, ungivikele esizweni esibi; ngikhulule kumuntu onenkohliso nongalungile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngahlulele, Nkulunkulu ungimele endabeni yami esizweni esingenamusa, ngikhulule kumuntu wenkohliso nongenakulunga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Ngahlulele Nkulunkulu, umele indaba yami kubantu abangethembekile, ungikhulule konenkohliso nongalungile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 43:1
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwasekubikelwa uDavida, kwathiwa: UAhithofeli uphakathi kwamagobe kaAbisalomu. UDavide wathi: “Jehova, guqula icebo lika-Ahithofeli libe ubuwula.


U-Abisalomu wayesethi ku-Ahithofeli: “Cemani phakathi kwenu ukuthi siyakwenzani.”


Ngokuba impi yahlakazeka ezweni lonke, nehlathi ladla abantu abaningi ngalolo suku kunabadliwa yinkemba.


Abazidlayo bangifihlele ugibe nezintambo; beneka inetha endleleni; bangifakela igin. Sela.


Ihubo likaDavide. Ngahlulele, Jehova; ngokuba ngihambile ekulungeni kwami; nami ngathembela kuJehova; ngakho-ke angiyikushelela.


Ihubo likaDavide. Ngilwele, Jehova, nabaphikisana nami, ulwe nabalwa nami.


Ngahlulele, Jehova Nkulunkulu wami, ngokulunga kwakho; futhi kabangathokozi ngami.


Uyakubhubhisa abakhuluma kabi; uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nokhohlisayo.


Ngokuba abezizwe bangivukele, nabacindezeli bafuna umphefumulo wami; kababekanga uNkulunkulu phambi kwabo. Sela.


Ngakho ibandla lezizwe liyakukuhaqa; ngakho-ke niphenduka phezulu ngenxa yabo.


UJehova uyakwahlulela izizwe; ngahlulele, Jehova, njengokulunga kwami nangobuqotho bami obukimi.


Ububi bababi mabuphele; kodwa uqinise abalungileyo, ngokuba uNkulunkulu olungileyo uhlola izinhliziyo nezinso.


Ngisindise, Nkulunkulu wami, esandleni somubi, esandleni somuntu ongalungile nononya.


Kodwa uNkulunkulu unguMahluleli: uyamehlisa omunye aphakamise omunye.


Ngokuba uJehova uyakuyilwela indaba yabo, achithe umphefumulo wabaphangayo.


Ngokuba umsindisi wabo unamandla; uyakumela indaba yawo nawe.


Ngiyakuthwala ukufutheka kukaJehova, ngokuba ngonile kuye, aze angiphendulele indaba yami, anginike ubulungisa; Uyongikhiphela ekukhanyeni, futhi ngiyobona ukulunga kwakhe.


Ngokuba angazi lutho ngokwami; nokho angilungisiswa ngalokho, kepha ongahlulelayo yiNkosi.


owathi ethukwa, akaphindanga athuke; lapho ehlupheka, akasongelanga; kodwa wayezinikele kuye owahlulela ngokulunga.


UJehova makabe ngumahluleli nomahluleli phakathi kwami nawe, abheke, amele indaba yami, angisindise esandleni sakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka