Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoweli 2:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Abapristi, izinceku zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme ne-altare, bathi: ‘Hawukela abantu bakho, Jehova, unganikeli ifa lakho libe yihlazo, ukuze abezizwe babuse phezu kwabo; bangasho ngani phakathi kwabantu ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Abapristi, izikhonzi zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme ne-altare, bathi: “Hawukela abantu bakho, Jehova, unganikeli isabelo sakho sibe yinhlamba, ukuze abezizwe bababhinqe; yini ukuba basho phakathi kwabantu, bathi: ‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

17 Abaphristi, izikhonzi zikaSimakade, mabakhale phakathi kompheme ne-althare, bathi: “Hawukela abantu bakho, Simakade, ungalenzi ifa lakho libe yinto yokuthukwa nenhlekisa, kungani kufanele bathi phakathi kwabezizwe: ‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoweli 2:17
42 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umpheme phambi kwethempeli lendlu ubude bawo wawuyizingalo ezingamashumi amabili, njengobubanzi bendlu; ububanzi buyizingalo eziyishumi phambi kwendlu.


Ngiyakumchitha u-Israyeli ezweni engimnike lona; lendlu engiyingcwelisele igama lami, ngiyoyilahla ebusweni bami; u-Israyeli uyakuba yisaga nesifenqo phakathi kwezizwe zonke.


Ngiyakubasiphula ezweni lami engibanike lona; le ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, ngiyenze ibe yisaga nesifenqo phakathi kwezizwe zonke.


USolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova e-altare likaJehova ayelakha phambi kompheme,


Bheka, siyizinceku namuhla, nezwe owalinika obaba ukuba badle izithelo zalo nobuhle balo, bheka, siyizinceku kulo.


Bangasho ngani abezizwe ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo manje na?”


Njengenkemba emathanjeni ami, izitha zami ziyangihlambalaza; lapho bethi kimi insuku zonke: Uphi uNkulunkulu wakho?


Kungani udangale, mphefumulo wami? nikhathazekeleni kimi na? uthembele kuNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa oyimpiliso yobuso bami noNkulunkulu wami.


Izinyembezi zami zazingukudla kwami imini nobusuku, lapho bethi kimi njalo: Uphi uNkulunkulu wakho?


Lapho ngicabanga ngalezi zinto, ngithulula umphefumulo wami phakathi kwami; ngoba ngahamba nesixuku, ngaya nabo endlini kaNkulunkulu, ngezwi lokujabula nokudumisa, kanye nesixuku ebesenza idili.


O Nkulunkulu, koze kube nini isitha sihlambalaza? isitha sihlambalaza igama lakho kuze kube phakade na?


Bangasho ngani abezizwe ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo na?” kakwaziwe phakathi kwezizwe phambi kwamehlo ethu ngokuphindisela kwegazi lezinceku zakho elachithwa.


Sesiphenduke ihlazo komakhelwane bethu, inhlekisa nenhlekiso kwabasizungezile.


Bonke abadlula ngendlela bayayiphanga; uyihlazo komakhelwane bakhe.


Izitha zakho ezihlambalaze ngazo, Jehova! abahlambalaza ngayo izinyathelo zogcotshiweyo wakho.


Wathi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, Nkosi, iNkosi yami mayingene phakathi kwethu; ngoba bangabantu abanenkani; usithethelele ububi bethu nezono zethu, usithathe njengefa lakho.


Ngalolo suku iNkosi uJehova Sebawoti yabiza ukukhala, nokulila, nempandla, nokubhinca izingubo zokulila.


Sikhulule manje, Jehova Nkulunkulu wethu, esandleni sakhe, ukuze yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena wedwa unguJehova.


Kodwa ngakwenza ngenxa yebizo lami, ukuze lingangcoliswa phambi kwezizwe ababephakathi kwazo, engazazisa kubo phambi kwamehlo azo ngokubakhupha elizweni leGibhithe.


Wangingenisa egcekeni elingaphakathi lendlu kaJehova; bheka, ekungeneni kwethempeli likaJehova phakathi kompheme ne-altare, kwakukhona amadoda kungathi angamashumi amabili nanhlanu, efulathele ithempeli. Evela kuJehova, nobuso babo bubheke empumalanga; bakhuleka elangeni ngasempumalanga.


Thathani amazwi, niphenduke kuJehova; nithi kuye: Susa konke okubi, usamukele ngomusa, ukuze sibuyisele amathole ezindebe zethu.


Bhincani, nilile, bapristi; Memani zinceku ze-altare; wozani nilale ubusuku bonke, nina zinceku zikaNkulunkulu wami, ngokuba umnikelo wokudla nomnikelo wokuphuzwayo ugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.


Umnikelo womlilo nomnikelo wokuphuzwayo kunqunyiwe endlini kaJehova; abapristi, izinceku zikaJehova, bayalila.


Kwathi seziqedile ukudla utshani belizwe, ngathi: Nkosi Jehova, ngithethelele; uJakobe uzakuma ngobani? ngoba mncane.


Ngasengisithi: Nkosi Jehova, yima! uJakobe uyakusukuma ngobani na? ngoba mncane.


Khona isitha sami siyakubona, simbozwe amahloni esasithi kimi: ‘Uphi uJehova uNkulunkulu wakho? amehlo ami ayakumbheka; manje liyakunyathelwa phansi njengodaka lwezitaladi.


Manje ake nincenge uNkulunkulu ukuba abe nomusa kithi; usho uJehova Sebawoti.


Bheka, kwafika omunye wabantwana bakwa-Israyeli, waletha owesifazane wakwaMidiyani kubafowabo emehlweni kaMose nasemehlweni enhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli, ababekhala phambi komnyango wetende lika-Israyeli ibandla.


ukuze kwehlele phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kufike egazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare.


Wathembela kuNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu.


Futhi uyakuba yisimangaliso, nesaga, nenhlekisa phakathi kwezizwe zonke lapho uJehova eyakuyisa khona.


Akukhona yini ukuthi ngesaba ulaka lwesitha, ukuthi izitha zabo zazingayikwenza isimangaliso, nokuthi zathi: ‘Isandla sethu siphakeme, futhi uJehova akenzanga konke lokhu.


Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayokuzwa basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni; futhi uyakwenzani egameni lakho elikhulu?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka