UNkulunkulu wathi kuye ngephupho: Yebo, ngiyazi ukuthi ukwenzile lokhu ngobuqotho benhliziyo yakho; ngokuba nami nganivimbela ukuba ningoni kimi; ngalokho ngakuvumela ukuba ungamthinti.
AmaHubo 19:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi gcina inceku yakho ezonweni zokugabadela; mazingabuse phezu kwami; khona-ke ngizoba qotho futhi ngingabi nacala ecaleni elikhulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yilonde inceku yakho nasezonweni ezihlazisayo; mazingabusi phezu kwami. Yikhona ngiyakube ngiphelele, ngingabe ngisaba necala eziphambekweni ezinkulu. IsiZulu 2020 Nqanda inceku yakho ezonweni ezihlazisayo; mazingabusi phezu kwami. Yikhona ngizohlala ngingenasisihla, ngibe msulwa eziphambekweni ezinkulu. |
UNkulunkulu wathi kuye ngephupho: Yebo, ngiyazi ukuthi ukwenzile lokhu ngobuqotho benhliziyo yakho; ngokuba nami nganivimbela ukuba ningoni kimi; ngalokho ngakuvumela ukuba ungamthinti.
Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; Akayikubagodlela okuhle abahamba ngobuqotho.
Kepha uma umuntu efika kumakhelwane wakhe ngokugabadela, ukumbulala ngobuqili; kumelwe umsuse e-altare lami, ukuze afe.
Uma inhlangano yonke yakwa-Israyeli yona ngokungazi, le ndaba isithekile emehlweni enhlangano, benze utho okuphambene nanoma yimuphi wemiyalo kaJehova okungafanele kwenziwe, benecala;
Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi: Uba umuntu wona ngokungazi emithetho ye Nkosi engayikwenziwa, enze komunye wayo,
Uma isikhulu sona, senza ngokungazi ngokuphambene nanoma yimuphi wemiyalo kaJehova uNkulunkulu waso ngokungafanele ukwenziwa, sibe necala;
Uma omunye wabantu bezizwe ona ngokungazi, enze utho oluphambene nanoma yimuphi wemiyalo kaJehova okungafanele kwenziwe, abe necala;
Nakulokhu ngiyazivivinya ukuba ngihlale nginonembeza ongenacala kuNkulunkulu nakubantu.
Kodwa ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokungcola, bedelela ukubusa. Bayagabadela, bazicabangela bona, abesabi nokukhuluma kabi ngezithunzi;
UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makabusiswe uJehova owamela icala lami lokuhlanjalazwa esandleni sikaNabali, wayisindisa inceku yakhe ebubini; ngoba uJehova ulobubi bukaNabali ekhanda lakhe. UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.