Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 146:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ubusisiwe lowo omsizi wakhe uNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ubusisiwe lowo omsizi wakhe kunguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuSimakade uNkulunkulu wakhe,

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 146:5
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngakho anothi kuJosefa: Thethelela isiphambeko sabafowenu nesono sabo; ngoba bonile; usithethelele manje isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo. UJosefa wakhala lapho bekhuluma kuye.


Sibusisiwe leso sizwe esinjalo; yebo, babusisiwe abantu abaNkulunkulu wabo nguJehova.


Awela phansi, kodwa thina sasukuma sama saqonda.


Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova; nabantu abakhethile njengefa lakhe.


Manje, Nkosi, ngilindeleni na? ithemba lami likuwe.


UJehova Sebawoti unathi; uNkulunkulu kaJakobe uyisiphephelo sethu. Sela.


UJehova Sebawoti unathi; uNkulunkulu kaJakobe uyisiphephelo sethu. Sela.


Wozani nibone imisebenzi kaJehova, incithakalo ayenzileyo emhlabeni.


Ngokuba wena uyithemba lami, Nkosi Jehova, ithemba lami kwasebusheni bami.


Jehova Sebawoti, ubusisiwe umuntu othembela kuwe.


Jehova Nkulunkulu Sebawoti, yizwa umkhuleko wami; lalela, Nkulunkulu kaJakobe! Sela.


Futhi wathi: NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe. UMose wafihla ubuso bakhe; ngoba wayesaba ukubuka uNkulunkulu.


Ophatha indaba ngokuhlakanipha uyakufumana okuhle; nowethembayo uJehova ubusisiwe.


Ubusisiwe wena Israyeli, onjengawe, bantu abahlengiwe nguJehova, isihlangu sosizo lwakho, oyinkemba yobukhosi bakho. Izitha zenu ziyakuba ngamanga kini; futhi kumelwe unyathele ezindaweni zazo eziphakeme.


enikholwa ngaye kuNkulunkulu owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo; ukuze ukholo lwenu nethemba libe kuNkulunkulu.