Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 20:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Awela phansi, kodwa thina sasukuma sama saqonda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Bayathoba, bawe; kepha thina siyavuka, sime.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Bayowa bashaye ngamadolo phansi, kepha thina siyovuka, sime.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 20:8
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngezithunywa zakho uthukile uJehova, wathi: ‘Ngobuningi bezinqola zami ngenyukele eziqongweni zezintaba kuze kube semikhawulweni yaseLebanoni, ngigawule imisedari yalo emide nemisayipuresi yalo ekhethiweyo. Ngiyakungena ezindaweni zokuhlala zezwe lakhe nasehlathini leKarmeli yakhe.


U-Asa wayesephuma ukumhlangabeza, balwa esigodini saseSefatha eMaresha.


U-Asa wayesekhuleka kuJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, akulutho kuwe ukusiza, hhayi ngabaningi nabangenamandla; sisize, Jehova Nkulunkulu wethu; ngokuba sincike kuwe, nangegama lakho siyakumelana nalesi sixuku. Jehova, unguNkulunkulu wethu; makungahlulwa muntu.


Ngokuba ngaba namahloni ukucela enkosini iviyo lamasosha nabamahhashi ukuba basisize ezitheni endleleni, ngokuba sakhuluma enkosini, sathi: Isandla sikaNkulunkulu wethu siphezu kwabo bonke abamfunayo; kepha amandla akhe nolaka lwakhe kuphezu kwabo bonke abamshiyayo.


Usizo lwethu lusegameni likaJehova owenzile izulu nomhlaba.


(IsiHlabelelo seziHlabelelo.) Abamethembayo uJehova bayakuba njengentaba yaseSiyoni enganyakazi kepha imi phakade.


Akukho nkosi esindiswa ngobuningi bempi; iqhawe alisindiswa ngamandla amakhulu.


Ihhashi liyize ekuphepheni, futhi ngamandla alo amakhulu ngeke asindise muntu.


Ihhashi lilungiselwe usuku lwempi, kepha ukuphepha kuvela kuJehova.


Ngiyakuphulukisa ukuhlubuka kwabo, ngibathande ngesihle, ngokuba ulaka lwami lubuyile kuye.


Ungathokozi ngami, sitha sami; uma ngiwa, ngiyakuvuka; uma ngihlezi ebumnyameni, uJehova uyakuba ngukukhanya kimi.


Base bephuma, bona nawo onke amabutho abo kanye nabo, abantu abaningi ngangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi, namahhashi nezinqola eziningi.


Mazibhubhe zonke izitha zakho, Jehova, kepha abamthandayo mababe njengelanga lapho liphuma ngamandla alo. Izwe laphumula iminyaka engamashumi amane.


UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nesihlangu; kepha mina ngiza kuwe egameni likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu Sebawoti ka-Israyeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka