Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 46:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wozani nibone imisebenzi kaJehova, incithakalo ayenzileyo emhlabeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Wozani nibone izenzo zikaJehova, izincithakalo azenzileyo emhlabeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Wozani, nibone imisebenzi kaSimakade, incithakalo ayehlisele emhlabeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 46:8
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ubusisiwe lowo omsizi wakhe uNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe.


UNkulunkulu womusa wami uyakungimisa; UNkulunkulu uzongenza ngibone isifiso sami mayelana nezitha zami.


Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu; uyesabeka ngezenzo zakhe kubantwana babantu.


Izinceku zikaFaro zathi kuye: “Koze kube nini lowo ewugibe kithi na?” abantu mabahambe, bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo; kawukazi yini ukuthi iGibhithe selibhujisiwe?


UFaro wavuka ebusuku, yena nazo zonke izinceku zakhe namaGibhithe onke; kwaba khona ukukhala okukhulu eGibithe; ngoba kwakungekho ndlu lapho okwakungekho ofileyo khona.


Bheka, uJehova uyawuthulula umhlaba, uwenze incithakalo, uyawugumbuqela, abahlakaze abakhileyo kuwo.


Bayakwakha izincithakalo ezindala, bavuse izindawo ezibhuqiwe zakuqala, babuyisele imizi echithekileyo, izincithakalo zezizukulwane ngezizukulwane.


Ngakho-ke iNkosi uqobo izakunika isibonakaliso; Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, iyibize ngokuthi u-Imanuweli.


Celanani icebo, kepha liyachitheka; khulumani izwi, kodwa aliyikuba, ngokuba uNkulunkulu unathi.


Ningahlubuki uJehova, ningabesabi abantu bezwe; ngoba bayisinkwa sethu; ukuzivikela kwabo kususiwe kubo, futhi iNkosi inathi; ningabesabi.


Ngempela, akukho umlingo ngokumelene noJakobe, futhi akukho ukubhula ngokumelene no-Israyeli; ngalesi sikhathi kuyakuthiwa ngoJakobe nango-Israyeli: Yini uNkulunkulu ayenzileyo!


Lapho uphuma ukulwa nezitha zakho, namahhashi, nezinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe owakukhuphula ezweni laseGibithe.


Ngokuba kwavela kuJehova ukwenza lukhuni izinhliziyo zabo ukuba bahlasele u-Israyeli, abashaye ngesiqalekiso esichithayo, bangabi namusa, kodwa ukubachitha, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka