Yamukela umthetho ophuma emlonyeni wakhe, ugcine amazwi akhe enhliziyweni yakho.
AmaHubo 119:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Izwi lakho ngalifihla enhliziyweni yami, ukuze ngingoni kuwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe. IsiZulu 2020 Enhliziyweni yami ngiyalilonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe. |
Yamukela umthetho ophuma emlonyeni wakhe, ugcine amazwi akhe enhliziyweni yakho.
Kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova; futhi uzindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.
MEM. O, yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! lokhu kungukuzindla kwami usuku lonke.
Futhi gcina inceku yakho ezonweni zokugabadela; mazingabuse phezu kwami; khona-ke ngizoba qotho futhi ngingabi nacala ecaleni elikhulu.
Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe; akuyikushelela nesisodwa izinyathelo zakhe.
Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami; yebo, umthetho wakho usenhliziyweni yami.
Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; Ningakwesabi ukuthukwa kwabantu, ningesabi ukuthuka kwabo.
Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; izwi lakho laba yintokozo kimi nentokozo yenhliziyo yami, ngokuba igama lakho labizwa phezu kwami, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.
Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela, kepha unina wawagcina onke lawo mazwi enhliziyweni yakhe.
Izwi likaKristu malihlale kini ngokucebile kukho konke ukuhlakanipha; nifundisana, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihubele ngomusa ezinhliziyweni zenu iNkosi.