Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseKolose 3:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Izwi likaKristu malihlale kini ngokucebile kukho konke ukuhlakanipha; nifundisana, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihubele ngomusa ezinhliziyweni zenu iNkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Izwi likaKhristu malihlale kini njalo, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya; nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Izwi likaKristu malihlale kini ngokucebile kukho konke ukuhlakanipha; nifundisana, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihubele ngomusa ezinhliziyweni zenu iNkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseKolose 3:16
62 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wonke u-Israyeli wezwa isahlulelo inkosi; besaba inkosi, ngokuba babona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu bekukuyo ukwenza ukwahlulela.


Inani labo kanye nabafowabo ababefundiswe ukuhlabelela uJehova, bonke ababehlakaniphile, lalingamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili.


Ngokuba ezinsukwini zikaDavide no-Asafa zasendulo kwakukhona abaholi babahlabeleli, nezingoma zokudumisa nokubonga, kube inkazimulo kaNkulunkulu.


Angibuyanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi omlomo wakhe ngawenza ngaphezu kokudla kwami.


Izwi lakho ngalifihla enhliziyweni yami, ukuze ngingoni kuwe.


Izimiso zakho zaziyizingoma zami endlini yokugogobala kwami.


Ihubo likaDavide. Ngiyakukubonga ngenhliziyo yami yonke; phambi kwawonkulunkulu ngizakuhlabelela.


UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami yathembela kuye, futhi ngasizwa; ngalokho inhliziyo yami ithokoza kakhulu; ngizamdumisa ngengoma yami.


Wena uyisiphephelo sami; Uzangivikela ekuhluphekeni; Uzongihaqa ngezihlabelelo zensindiso. Sela.


Izindebe zami ziyakujabula kakhulu lapho ngihlabelela kuwe; nomphefumulo wami owuhlengileyo.


Ukuhlakanipha kohlakaniphileyo kungukuqonda indlela yakhe, kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.


Ngesifiso udinga umuntu ozahlukanisayo, ogxambukela kukho konke ukuhlakanipha.


Isihlabelelo sezihlabelelo esingesikaSolomoni.


Ukuphambukisa abaswelayo esandleni sokunene, lokuthatha ilungelo kwabahluphekayo babantu bami, ukuze abafelokazi babe yimpango yabo, lezintandane ziphangwe!


Ngalolo suku lesi sihlabelelo siyakuhlatshelelwa ezweni lakwaJuda; Sinomuzi oqinile; insindiso iyakubeka uNkulunkulu izindonga nezindonga.


Niyakuba nengoma njengasebusuku bomkhosi ongcwele; nokujabula kwenhliziyo, njengalapho umuntu ehamba ephethe umtshingo ukuya entabeni kaJehova, koMninimandla ka-Israyeli.


Manje sengizahlabelela othandiweyo wami ingoma yothandiweyo wami mayelana nesivini sakhe. Othandiweyo wami unesivini egqumeni elivundile.


Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; izwi lakho laba yintokozo kimi nentokozo yenhliziyo yami, ngokuba igama lakho labizwa phezu kwami, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.


Sebehlabelele igama lokubonga, baphuma baya eNtabeni Yeminqumo.


Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela, kepha unina wawagcina onke lawo mazwi enhliziyweni yakhe.


Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, niyakukwenzelwa.


Ngakho ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaNkulunkulu.


Nami-ke ngiyaqiniseka ngani, bazalwane bami, ukuthi nani nigcwele ukulunga, nigcwaliswe ngokwazi konke, ninamandla futhi nokuyalana.


Kuyini pho? ngiyakukhuleka ngomoya, ngikhuleke nangengqondo futhi, ngihube ngomoya, ngihube nangengqondo futhi.


Kunjani-ke, bazalwane? Lapho nibuthana, yilowo nalowo unehubo, noma isifundiso, unolimi, noma isambulo, unokuhumusha. Konke makwenziwe kube ngukwakha.


ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aninike umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena;


Ngakho ningabi ngabangahlakaniphileyo, kodwa niqonde okuyintando yeNkosi.


nikhulumisana ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele eNkosini enhliziyweni yenu;


ukuze alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi;


esimshumayelayo, sixwayisa wonke umuntu, sifundisa wonke umuntu ngakho konke ukuhlakanipha; ukuze sethule wonke umuntu ephelele kuKristu Jesu;


Ngalokho nathi, kusukela osukwini esakuzwa ngalo, asiphezi ukunikhulekela, nokunxusa ukuba nigcwaliswe ukwazi intando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda kokomoya;


Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.


Ngokuba izwi leNkosi lazwakala livela kini, kungesikho eMakedoniya nase-Akhaya kuphela, kepha nasezindaweni zonke ukukholwa kwenu kuNkulunkulu kwanda; ukuze singadingi ukukhuluma utho.


Nokho ningamthathi njengesitha, kodwa nimyale njengomzalwane.


Yala abanothileyo kulomhlaba ukuthi bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebweni engaqinisekile, kodwa mabathembele kuNkulunkulu osinika ngokucebile konke ukuba sikujabulele;


lokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele, elamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.


eyasithululela phezu kwethu ngokuchichimayo ngoJesu Kristu uMsindisi wethu;


Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu opha bonke ngobuhle, engasoli; njalo uzakuphiwa.


Kepha ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kuhlanzekile, bese kuba-nokuthula, nokumnene, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle, akunabandlululo, nokungazenzisi.


Ukhona yini phakathi kwenu ohluphekayo? akakhuleke. Ingabe kukhona okujabulisayo? makahube amahubo.


Ngililobele, bobaba, ngoba limazile yena okhona kusukela ekuqaleni. Nginilobele, zinsizwa, ngokuba ninamandla, nezwi likaNkulunkulu lihlezi kini, nimnqobile omubi.


Ngakho-ke lokho enakuzwa kusukela ekuqaleni makuhlale kini. Uma lokho enakuzwa kwasekuqaleni kuhlala kini, nani niyohlala eNdodaneni nakuBaba.


Kepha ukugcotshwa enakwemukela kuye kuhlala kini, anidingi ukuba ubani anifundise, nihlale kuye.


ngenxa yeqiniso elihlala kithi, elizakuba lathi kuze kube nininini.


Bahlabelela kungathi ihubo elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine eziphilayo, namalunga; kwakungekho owayengasifunda lelo ngoma, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abahlengiwe emhlabeni.


Bahlabelela ingoma kaMose inceku kaNkulunkulu, nengoma yeWundlu, bethi: Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, Nkosi yabangcwele.


Ngawa ngasezinyaweni zayo ukuba ngiyikhonze. Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi; mina ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abanobufakazi bukaJesu;


Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka