Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 101:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ngiyakubabhubhisa bonke ababi bezwe kusesekuseni; ukuze nginqume bonke ababi emzini kaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ekuseni imihla ngemihla ngiyakubaqeda bonke ababi bomhlaba, ukuze nginqume emzini kaJehova bonke abenzi bokubi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Njalo ekuseni ngizobabhubhisa ababi ezweni, ngibaqede bonke abenzi bokubi emzini kaSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 101:8
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kukhona umfula, imifudlana yawo ethokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yamatabernakele oPhezukonke.


Inhle endaweni, intokozo yomhlaba wonke, intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho, umuzi weNkosi enkulu.


Njengoba sizwile, sibonile kanjalo emzini kaJehova Sebawoti, emzini kaNkulunkulu wethu: uNkulunkulu uyakuwuqinisa kuze kube phakade. Sela.


Ngiyakunquma zonke izimpondo zababi; kepha izimpondo zabalungileyo ziyakuphakanyiswa.


Kepha nina niyakuluphakamisa uphondo lwami njengolwenyathi, ngigcotshwe ngamafutha amasha.


Kuyisinengiso emakhosini ukwenza ububi, ngoba isihlalo sobukhosi simiswa ngokulunga.


Inkosi ehlakaniphileyo iyahlakaza ababi futhi ilethe isondo phezu kwabo.


Inkosi ehlezi esihlalweni sokwahlulela ihlakaza bonke ububi ngamehlo ayo.


Wena ndlu kaDavide, usho kanje uJehova; Ekuseni gcwalisa ukwahlulela futhi usindise ophangiwe esandleni somcindezeli, ukuze ulaka lwami lungaphumi njengomlilo futhi lushise okungenakucinywa muntu ngenxa yobubi bezenzo zakho.


Abayikuhlala ezweni likaJehova; kepha u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe, badle okungcolileyo e-Asiriya.


Yizwani lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe nababusi bendlu ka-Israyeli eninengwa yikulunga, niphendukezela konke ukulunga.


Akuyikungena kuwo lutho olungcolileyo, nawo wonke amanyala namanga, kuphela abalotshiweyo encwadini yokuphila yeWundlu.