Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 101:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ekuseni imihla ngemihla ngiyakubaqeda bonke ababi bomhlaba, ukuze nginqume emzini kaJehova bonke abenzi bokubi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Njalo ekuseni ngizobabhubhisa ababi ezweni, ngibaqede bonke abenzi bokubi emzini kaSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngiyakubabhubhisa bonke ababi bezwe kusesekuseni; ukuze nginqume bonke ababi emzini kaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 101:8
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ukhona umfula omanzi awo athokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yoPhezukonke.


Inhle ngokuphakama, ingukuthokoza komhlaba wonke intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho, umuzi weNkosi enkulu.


Njengalokho sizwile, kanjalo sikubonile emzini kaJehova Sebawoti, emzini kaNkulunkulu wethu; uNkulunkulu uyakuwumisa kuze kube phakade. Sela*


Zonke izimpondo zababi ngiyakuzinquma; kepha izimpondo zolungileyo ziyakuphakanyiswa.


Kepha uphondo lwami uyaluphakamisa njengolwenyathi, ngigcotshwa ngamafutha amasha.


Ukwenza okubi kuyisinengiso emakhosini, ngokuba isihlalo sobukhosi simiswa ngokulunga.


Inkosi ehlakaniphileyo iyahlakaza ababi, iphindisele phezu kwabo ukushinga kwabo.


Inkosi ehlezi esihlalweni sokwahlulela ihlakaza konke okubi ngamehlo ayo.


O, ndlu kaDavide, usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Yenzani izahlulelo ekuseni, nophule ophangiweyo esandleni somcindezeli, funa ukufutheka kwami kuphume njengomlilo, kushise, kuze kungabikho owucimayo ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Abayikuhlala ezweni likaJehova; u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe, nase-Asiriya bayakudla okungcolileyo.


Ake nizwe lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli eninengwa ngukwahlulelwa, nihlanekezela konke ukulunga,


Akusoze kwangena lutho olungcolileyo kuwo nowenza amanyala namanga, kuphela abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka