Waguqisa amakamela akhe ngaphandle komuzi ngasemthonjeni kusihlwa, isikhathi abaphuma ngaso abesifazane ukuyokha amanzi.
AbAhluleli 5:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Labo abakhululwa emsindweni wabacibishelayo ezindaweni zemithombo yamanzi, lapho bayakuzwa izenzo zokulunga zikaJehova, izenzo ezilungileyo kwabakhileyo emadolobheni akhe kwa-Israyeli; khona-ke abantu bakaJehova bayakwehla baye emasangweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ekwahlukaniseni impango phakathi kwemiqengqe yamanzi balanda khona izenzo ezilungileyo zikaJehova, ukulunga kokubusa kwakhe kwa-Israyeli; khona abantu bakaJehova behlela emasangweni. IsiZulu 2020 Lalelani umsindo wabaculi besemithonjeni yamanzi, lapho bephinda ukunqoba kuka-Simakade, ukunqoba kwezihlupheki kwa-Israyeli. Abantu bakaSimakade behlela emasangweni. |
Waguqisa amakamela akhe ngaphandle komuzi ngasemthonjeni kusihlwa, isikhathi abaphuma ngaso abesifazane ukuyokha amanzi.
Wabheka, kwakukhona umthombo endle, bheka, nanso imihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo; ngoba kulowo mthombo baphuzisa umhlambi, futhi kwakukhona itshe elikhulu emlonyeni womthombo.
Kwabuthana khona yonke imihlambi, bagingqe itshe lisuke emlonyeni womthombo, baphuzise izimvu, balibuyisele itshe emlonyeni womthombo endaweni yalo.
Bayakumemezela phakathi kwezixuku isikhumbuzo sokulunga kwakho okukhulu, bahubele ngokulunga kwakho.
Umlomo wami uyakumemezela ukulunga kwakho nensindiso yakho usuku lonke; ngoba izinombolo zayo angizazi.
nanjengomoya wokwahlulela kohlezi ekwahluleleni, nanjengezikhwepha kwabaletha impi esangweni.
Yima esangweni lendlu kaJehova, umemeze khona leli zwi, uthi: ‘Yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda abangena ngalawa masango ukukhuleka kuJehova.
Sathatha isinkwa sethu ngokubeka ukuphila kwethu engozini ngenxa yenkemba yasehlane.
O bantu bami, khumbulani lokho uBalaki inkosi yakwaMowabi akucebisa ngakho, nalokho uBileyamu indodana kaBeyori amphendula ngakho kusukela eShithimi kuze kube eGiligali; ukuze nazi ukulunga kukaJehova.
Khona-ke kumelwe nibakhiphe bobabili nibayise esangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe, bafe; intombazane, ngokuba ayibizanga isemzini; indoda, ngokuba ilulazile umkamakhelwane wayo; ngalokho kufanele ususe ububi phakathi kwakho.
Wazilungisela ingxenye yokuqala, ngokuba wayehlezi khona engxenyeni yomniki-mthetho; weza nezinhloko zabantu, wenza ukulunga kukaJehova nezahlulelo zakhe ku-Israyeli.
ukuthi amadodakazi akwa-Israyeli ayehamba iminyaka ngeminyaka ukuyililela indodakazi kaJefta wakwaGileyadi izinsuku ezine ngomnyaka.
Bakhetha onkulunkulu abasha; kwaba khona impi emasangweni; Kwakukhona isihlangu noma umkhonto phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?
Sukumani khathesi, ukuze ngikhulume lani phambi kweNkosi ngazo zonke izenzo ezilungileyo zeNkosi eyazenza kini laboyihlo.