UDuteronomi 22:24 - Contemporary Zulu Bible 202424 Khona-ke kumelwe nibakhiphe bobabili nibayise esangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe, bafe; intombazane, ngokuba ayibizanga isemzini; indoda, ngokuba ilulazile umkamakhelwane wayo; ngalokho kufanele ususe ububi phakathi kwakho. Uka jalj uñjjattʼätaIBHAYIBHELI ELINGCWELE24 niyakubakhiphela bobabili ngasesangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe baze bafe, intombi, ngokuba ayikhalanga ingani isemzini, nendoda, ngokuba imonile umkamakhelwane wakhe; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho. Uka jalj uñjjattʼätaIsiZulu 202024 bobabili niyobakhiphela ngasesangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe baze bafe, intombi, ngokuba ayikhalanga emzini yafuna usizo, nendoda, ngokuba imonile umfazi womakhelwane wayo. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho. Uka jalj uñjjattʼäta |
Lowo mprofethi, noma lowomphuphi wamaphupho, uyobulawa; ngoba ukhulume ukuthi akususe kuJehova uNkulunkulu wakho owakukhupha elizweni leGibhithe, wakuhlenga endlini yobugqili, ukuthi akuxotshe endleleni uJehova uNkulunkulu wakho akulaya ukuthi uhambe ngayo. Ngalokho kumelwe ususe ububi phakathi kwakho.