Base bebuya, bafika e-Enimishipati eyiKadeshi, balichitha lonke izwe lama-Amaleki, nama-Amori ayehlala eHasoni-Tamari.
AbAhluleli 11:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa lapho u-Israyeli ekhuphuka ephuma eGibhithe, wadabula ihlane waze wafika eLwandle LwaseShelefu, wafika eKadeshi; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba ekukhuphukeni kwabo eGibithe, u-Israyeli ehamba ehlane waze wafika eLwandle Olubomvu, wafika naseKadeshi, IsiZulu 2020 kodwa lapho benyuka bevela eGibhithe, abakwa-Israyeli badabula ihlane baya oLwandle Lomhlanga, baze bafika eKadeshi. |
Base bebuya, bafika e-Enimishipati eyiKadeshi, balichitha lonke izwe lama-Amaleki, nama-Amori ayehlala eHasoni-Tamari.
Ahamba afika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi; wababikela kanye nebandla lonke, wabazisa izithelo zezwe.
Abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yonke, bafika ehlane laseSini ngenyanga yokuqala; abantu bahlala eKadeshi; uMiriyamu wafela khona, wembelwa khona.
Niletheleni ibandla leNkosi kuleli hlane, ukuze sifele khona thina nemfuyo yethu?
Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane, aze abhubha onke amaqhawe aphuma eGibithe, ngokuba bengalilalelanga izwi likaJehova; uJehova afunga kubo ukuthi akayikuba nalutho. Sibabonise izwe uJehova alifungela okhokho babo ukusinika lona, izwe elichichima ubisi nezinyosi.
Wathi kuye: “Usho kanje uJefta, uthi: ‘U-Israyeli akalithathanga izwe lakwaMowabi nezwe labantwana bakwa-Amoni.