Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 11:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Wathi kuye: “Usho kanje uJefta, uthi: ‘U-Israyeli akalithathanga izwe lakwaMowabi nezwe labantwana bakwa-Amoni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 wathi kuyo: “Usho kanje uJefta, uthi: U-Israyeli akathathanga izwe lakwaMowabi nezwe labantwana bakwa-Amoni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 wathi kuyo: “Yilokhu okushiwo nguJeftha, uthi abakwa-Israyeli abazange balithathe izwe lakwaMowabi nelabakwa-Amoni,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 11:15
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Manje bheka, abantwana bakwa-Amoni nabakwaMowabi nezintaba zaseSeyiri ongathandanga ukuba u-Israyeli abahlasele ekuphumeni kwabo ezweni laseGibhithe, kodwa wabafulathela futhi akababhubhisanga;


“Nxa usondela kubantwana bakwa-Amoni, ungabakhathazi, ungaphambanisi nabo; ngokuba angiyikuninika ifa lezwe labantwana bakwa-Amoni; ngoba ngalinika abantwana bakaLothi njengelifa.


UJehova wathi kimi: “Ningabakhathazi abakwaMowabi, ningalwi nabo empini, ngokuba angiyikuninika izwe labo libe yifa; ngoba iAri ngalinika abantwana bakaLothi njengelifa.


UJefta waphinda wathuma izithunywa enkosini yabantwana bakwa-Amoni.


Kodwa lapho u-Israyeli ekhuphuka ephuma eGibhithe, wadabula ihlane waze wafika eLwandle LwaseShelefu, wafika eKadeshi;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka