Ngase ngifika emthonjeni namuhla, ngathi: ‘Nkosi, Nkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, uma uyiphumelelisa indlela yami engihamba ngayo;
1 Samuweli 9:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi kuye: “Bheka, kukhona kulo muzi umuntu kaNkulunkulu, ungumuntu ohloniphekayo; konke akushoyo kuyenzeka impela; asihambe siye khona manje; mhlawumbe angasikhombisa indlela okufanele sihambe ngayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yathi kuye: “Bheka, kukhona kulo muzi umuntu kaNkulunkulu, umuntu ohloniphekayo; konke akushoyo kuyakwenzeka impela; masiye khona, mhlawumbe angasitshela indlela esihamba ngayo.” IsiZulu 2020 Yathi kuye: “Bheka, kukhona umuntu kaNkulunkulu kulo muzi, umuntu ohloniphekile; konke akukhulumayo kuyakwenzeka impela. Masiye khona, mhlawumbe angasitshela indlela esihamba ngayo.” |
Ngase ngifika emthonjeni namuhla, ngathi: ‘Nkosi, Nkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, uma uyiphumelelisa indlela yami engihamba ngayo;
Inkosi yathi kuSadoki umpristi: “Awusiye umboni na? buyela emzini ngokuthula, namadodana enu omabili kanye nani, u-Ahimahasi indodana yakho noJonathani indodana ka-Abiyathara.
Bheka, kwafika umuntu kaNkulunkulu evela kwaJuda ngezwi likaJehova, weza eBethele; uJerobowamu wayemi ngase-altare enyusa impepho.
Kwathi u-Elisha umuntu kaNkulunkulu esezwile ukuthi inkosi yakwa-Israyeli iklebhulile izingubo zayo, wathumela enkosini wathi: “Uklebhulelani izingubo zakho na? akeze kimi manje, futhi uzokwazi ukuthi kukhona umprofethi kwa-Israyeli.
Umuntu kaNkulunkulu wasesithi: Liwele ngaphi? Wamkhombisa indawo. Wagawula induku, wayiphonsa; insimbi yabhukuda.
oqinisa izwi lenceku yakhe nofeza icebo lezithunywa zakhe; othi kulo iJerusalema: Liyakuhlalwa; nasemizini yakwaJuda: Niyakwakhiwa, ngivuse izindawo zayo ezidilikileyo.
Lesi yisibusiso uMozisi, umuntu kaNkulunkulu, abusisa ngaso abantwana bakoIsrayeli engakafi.
Nina ningofakazi, noNkulunkulu naye, ukuthi saba ngcwele kanjani, nangokulunga, nokungasoleki phakathi kwenu nina enikholwayo;
nibazise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. Futhi nihlalisane ngokuthula.
Kodwa wena muntu kaNkulunkulu, zibaleke lezizinto; futhi ulandele ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukholo, uthando, ukubekezela, ubumnene.
Kwasekufika umuntu kaNkulunkulu kuEli, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ingabe ngabonakala nokubona endlini kayihlo beseseGibithe endlini kaFaro na?
Inceku yabuye yamphendula uSawule, yathi: “Bheka, ngisesesandleni sakho okwesine kweshekeli lesiliva; lokhu ngiyakumnika umuntu kaNkulunkulu ukuba asitshele indlela yethu.