Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 25:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngubani lo owesaba uJehova? uzamfundisa ngendlela azayikhetha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngumuphi umuntu omesaba uJehova na? Nguyena oyakufundiswa nguye indlela ayakuyikhetha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Ngubani owesaba uSimakade na? Uyomfundisa indlela okumele ayikhethe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 25:12
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehova wabonakala kuye, wathi: “Ungehleli eGibithe; hlala ezweni engizokutshela ngalo:


Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova; bonke abenza imiyalo yakhe banengqondo enhle; ukudunyiswa kwakhe kumi kuze kube phakade.


Ngizakufundisa ngikufundise indlela okumele uhambe ngayo: ngizakuqondisa ngeso lami.


Izinyathelo zomuntu zimiswa nguJehova, futhi uyayithanda indlela yakhe.


Kumelwe ukhulume naye ufake amazwi emlonyeni wakhe; futhi ngizoba nomlomo wakho nomlomo wakhe futhi nginifundise okufanele nikwenze.


Ukumesaba uJehova kungukuqala kolwazi, kepha iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.


Ukumesaba uJehova kuyisiyalo sokuhlakanipha; ngaphambi kodumo kukhona ukuthobeka.


Ngomusa nangeqiniso ububi buyahlanjululwa, futhi ngokwesaba uJehova abantu badede ebubini.


Khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, uthole ukumazi uNkulunkulu.


Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela nokulunga; yebo, yonke imigwaqo emihle.


Ake sizwe isiphetho sayo yonke lendaba: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokhu kuyimfanelo yomuntu wonke.


Kuyakuba khona umgwaqo omkhulu nendlela, futhi iyobizwa ngokuthi, indlela yobungcwele; ongcolileyo angadluli phezu kwayo; kepha kuyakuba ngabo: abahambayo, nakuba beyiziwula, abayikuduka ngakho.


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova, olalela izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, kungekho ukukhanya, na? makathembele eGameni likaJehova futhi ahlale kuNkulunkulu wakhe.


Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzokwazi ngemfundiso ukuthi ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela mina ngokwami.


umuntu okholwayo nowesaba uNkulunkulu kanye nendlu yakhe yonke, abela abantu abampofu izipho eziningi, ekhuleka kuNkulunkulu njalonjalo.


Base bethi: UKorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, nodumo oluhle esizweni sonke samaJuda, uxwayiswe nguNkulunkulu ngengelosi engcwele ukuba akubize endlini yakhe, ezwe amazwi kwakho.


ozakukhuluma kuwe amazwi, ozasindiswa ngawo wena lendlu yakho yonke.


Madoda, bazalwane, bantwana bozalo lukaAbrahama, labo phakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, ilizwi lale nsindiso lithunyelwe kini.


Nokho kuyakuba khona isikhala phakathi kwakho naye, okungaba izingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngesilinganiso; ningasondeli kuyo, ukuze nazi indlela eniyakuhamba ngayo;


Kepha ukugcotshwa enakwemukela kuye kuhlala kini, anidingi ukuba ubani anifundise, nihlale kuye.


Wathi kuye: “Bheka, kukhona kulo muzi umuntu kaNkulunkulu, ungumuntu ohloniphekayo; konke akushoyo kuyenzeka impela; asihambe siye khona manje; mhlawumbe angasikhombisa indlela okufanele sihambe ngayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka