UDavide wayesethi kuye: “Awuzange wesabe kanjani ukwelula isandla sakho ukubhubhisa ogcotshiweyo weNkosi na?
1 Samuweli 26:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wangenqabela ukuba ngelulele isandla sami kogcotshiweyo kaJehova; kepha thatha umkhonto ongasemgodleni wakhe nesiphambano samanzi, sihambe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova makenqabe ukuba ngelulele isandla sami kogcotshiweyo kaJehova; ake uthathe umkhonto ongasekhanda lakhe nesigubhu samanzi, sihambe.” IsiZulu 2020 Mawungabi bikho nhlobo kimi lowo mcabango wokuba uSimakade angivumele ukuba ngelule isandla ngimelane nogcotshiweyo kaSimakade. Wena thatha umkhonto ongasekhanda lakhe nesigubhu samanzi, sihambe.” |
UDavide wayesethi kuye: “Awuzange wesabe kanjani ukwelula isandla sakho ukubhubhisa ogcotshiweyo weNkosi na?
UDavida wasesithi kuye: Igazi lakho liphezu kwekhanda lakho; ngoba umlomo wakho ufakazile ngawe, wathi: Mina ngibulele ogcotshiweyo weNkosi.
UDavide wathi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya ukuba nibe yizitha zami namuhla na? ingabe ukhona ozobulawa kwa-Israyeli namuhla? Angazi yini ukuthi ngiyinkosi phezu kuka-Israyeli namuhla na?
Ngokuqondene nemisebenzi yabantu, ngezwi lezindebe zakho ngizigcinile ezindleleni zomchithi.
Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi. Yenzani izinto eziqotho phambi kwabantu bonke.
Bathandekayo, ningaziphindiseli nina, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela; ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.
ningaphindiseli okubi ngokubi, nokuthuka ngokuthuka, kodwa ngokuphambene nibusise; nazi ukuthi nabizelwa lokho, ukuze nidle ifa lesibusiso.
Bhekani, ngilapha; fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe izinkomo zikabani na? noma ngithathe imbongolo kabani? kumbe ngikhohlise bani? ngicindezele bani? Ngemukele esandleni sikabani isifumbathiso ukuba ngiphuphuthekise amehlo ami ngaso na? futhi ngizokubuyisela kuwe.
UJehova uyakwahlulela phakathi kwami nawe, uJehova angiphindisele kini; kepha isandla sami asiyikuba phezu kwakho.
Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, nalu usuku uJehova asho ngalo kuwe ukuthi: ‘Bheka, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze kuso njengokuthanda kwakho.’ Khona-ke uDavide wasukuma wanquma ngasese ijazi lesambatho sikaSawule.
Wathi kubantu bakhe: “UJehova makangivimbe ukuba ngenze le nto enkosini yami, ogcotshiweyo kaJehova, ngelulele isandla sami kuye, lokhu engogcotshiweyo kaJehova.”