Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 12:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Bhekani, ngilapha; fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe izinkomo zikabani na? noma ngithathe imbongolo kabani? kumbe ngikhohlise bani? ngicindezele bani? Ngemukele esandleni sikabani isifumbathiso ukuba ngiphuphuthekise amehlo ami ngaso na? futhi ngizokubuyisela kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe inkabi kabani, ngithathe imbongolo kabani, ngikhohlisile ubani, ngicindezele ubani, ngamukele umvuzo esandleni sikabani ukuba ngifihle amehlo ami ngawo na? Ngiyakukubuyisela kini.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaSimakade naphambi kogcotshiweyo wakhe, ukuthi ngake ngathatha inkabi kabani, noma imbongolo kabani, ngubani engimqolile, ngicindezele bani futhi ngemukele ukufunjathiswa okuvela esandleni sikabani ukuze amehlo ami avalwe yikho na? Lokho ngiyakukubuyisela kini.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 12:3
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova, angisukanga kuNkulunkulu wami ngobubi.


Babuyisele namuhla amasimu abo, nezivini zabo, neminqumo yabo, nezindlu zabo, nokwekhulu kwemali, nokolweni, newayini, namafutha eniwatholile kubo.


Ongayisebenzisi imali yakhe ekuzuzeni inzalo, ongathathi nzuzo kongenacala. Owenza lezi zinto akasoze antengantenga.


Ungafisi indlu yomakhelwane wakho, ungafisi umfazi womakhelwane wakho, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.


Uma okwebiwe kutholwa kusaphila esandleni salo, kungakhathaliseki ukuthi inkomo noma imbongolo noma imvu; uzobuya kabili.


Akumelwe namukele noma yisiphi isipho, ngoba isipho siphuphuthekisa abahlakaniphileyo futhi siphendukezela amazwi olungile.


Onenzuzo ufaka indlu yakhe osizini; kepha ozonda izipho uyakuphila.


Khona-ke kuyakuthi, ngenxa yokuthi wonile futhi unecala, kufanele abuyisele lokho akuthathile ngamandla, noma lokho akuthole ngobuqili, noma lokho akuphiwa ukuba akugcine, noma okulahlekile akutholile,


Noma konke afunga ngakho amanga; kumelwe alibuyisele ecaleni elikhulu, engeze kulo okwesihlanu okwesihlanu, alinike lowo okumfanele ngosuku lomnikelo wakhe wecala.


UMose wathukuthela kakhulu, wathi kuJehova: “Ungawunaki umhlatshelo wabo;


Bathi kuye: KaKesari. Wayesethi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari; nakuNkulunkulu okukaNkulunkulu.


UZakewu wema wathi eNkosini; Bheka, Nkosi, inxenye yempahla yami ngiyipha abampofu; futhi uma ngithathe utho kumuntu ngamanga, ngimbuyisela ngokuphindwe kane.


Angifisanga isiliva, nagolide, nengubo yomuntu;


Bhekani, sengilungele ukuza kini ngokwesithathu; njalo kangiyikuba ngumthwalo kini, ngoba kangifuni okwenu, kodwa lina;


Ungachithi ukwahlulela; awuyikubanaka abantu, ungamukeli isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo abahlakaniphileyo, siphendukezela amazwi abalungileyo.


Nina ningofakazi, noNkulunkulu naye, ukuthi saba ngcwele kanjani, nangokulunga, nokungasoleki phakathi kwenu nina enikholwayo;


Ngokuba asizange sibe namazwi athophayo, njengokuba nazi, noma sifihle ukuhaha; UNkulunkulu ungufakazi:


Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, niwubheke, kungabi ngokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela; kungabi ngenzuzo eyichilo, kodwa ngenhliziyo evumayo;


USamuweli wayesethatha isitsha samafutha, wawathela ekhanda lakhe, wamanga, wathi: “Kungokuba uJehova ekugcobile ukuba ube ngumbusi wefa lakhe na?


Bathi: “Awusikhohlisanga, awusicindezelanga, awuthathanga lutho esandleni samuntu;


Wathi kubo: “UJehova ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami. Base bephendula bathi: “Ungufakazi.”


Ngiyakuzivusela umpristi othembekileyo oyakwenza njengokusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinile; futhi uyohamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade.


Ngaphezu kwalokho, baba, bheka, yebo, bheka isicephu sejazi lakho esandleni sami; ngenxa yokuthi nganquma isiqephu sengubo yakho, angikubulalanga, uyazi, uyabona ukuthi akukho bubi nasiphambeko esandleni sami, futhi angonanga kuwe; nokho nifuna umphefumulo wami ukuwuthatha.


Wathi kubantu bakhe: “UJehova makangivimbe ukuba ngenze le nto enkosini yami, ogcotshiweyo kaJehova, ngelulele isandla sami kuye, lokhu engogcotshiweyo kaJehova.”


UDavide wazibamba izinceku zakhe ngala mazwi, akazivumelanga ukuba zivukele uSawule. Kodwa uSawule wasukuma emhumeni waqhubeka.


UJehova wangenqabela ukuba ngelulele isandla sami kogcotshiweyo kaJehova; kepha thatha umkhonto ongasemgodleni wakhe nesiphambano samanzi, sihambe.


UDavida wasesithi kuAbishayi: Ungambulali, ngoba ngubani ongelulela isandla sakhe kogcotshiweyo weNkosi, angabi lecala?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka