Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 24:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, nalu usuku uJehova asho ngalo kuwe ukuthi: ‘Bheka, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze kuso njengokuthanda kwakho.’ Khona-ke uDavide wasukuma wanquma ngasese ijazi lesambatho sikaSawule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, nantu usuku uJehova asho ngalo kuwe ukuthi: ‘Bheka, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze kuso okuhle emehlweni akho.’ ” Wayesesuka uDavide, wasika ngasese umphetho wengubo kaSawule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, nantu usuku uSimakade akhuluma ngalo kuwe, ethi: ‘Uyabona-ke, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze okubona kukuhle kuwe.’ ” Wayesesuka uDavide, wasika ngasese umphetho wengubo kaSawule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 24:4
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Baliletha ikhanda lika-Ishi Bosheti kuDavide eHebroni, bathi enkosini: “Nanti ikhanda lika-Ishi Bosheti indodana kaSawule, isitha sakho ebesifuna ukuphila kwakho; uJehova uyiphindisele namuhla inkosi yami, inkosi kuSawule nasenzalweni yakhe.


Ukube abantu betende lami bebengashongo ukuthi: ‘O, ukube besinayo inyama yakhe! angeke saneliseke.


IMaskili likaDavide, umkhuleko esemhumeni. Ngambiza uJehova ngezwi lami; ngezwi lami kuJehova ngiyamncenga.


Kumholi wokuhlabelela, u-Altashiti, uMikitamu kaDavide, ekubalekeni kwakhe uSawule emhumeni. Ngihawukele, Nkulunkulu, ngihawukele, ngokuba umphefumulo wami wethemba wena, yebo, emthunzini wesandla sakho. Amaphiko ngizophephela kuze kuphele lezi zinhlekelele.


Uma umuntu engaboni, kepha uNkulunkulu uyamnikela esandleni sakhe; khona-ke ngizakutshengisa indawo lapho azabalekela khona.


UDavide wayesesuka lapho, wabalekela emhumeni wase-Adulamu; kwathi abafowabo nawo wonke umndeni wakhe bekuzwa, behlela kuye khona.


Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule ubaba asiyikukuthola; uzakuba yinkosi phezu kukaIsrayeli, mina ngibe lawe; lobaba uSawuli uyakwazi lokhu.


Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ufikile eKehila. USawule wayesethi: “UNkulunkulu umnikele esandleni sami; ngoba uvalelwe ngokungena emzini onamasango nemigoqo.


Bhekani, namuhla amehlo enu abonile ukuthi uJehova ubekunikele namuhla esandleni sami emhumeni; futhi abanye bangilaya ukuthi ngikubulale; ngathi: Kangiyikwelulela isandla sami enkosini yami; ngoba ungogcotshiweyo weNkosi.


Ubonisile namuhla ukuthi wenze okuhle kimi, ngokuba awungibulalanga lapho uJehova enginikela esandleni sakho.


UJehova uyabuyisela, kube yilowo nalowo ukulunga kwakhe nokuthembeka kwakhe, ngokuba uJehova ukunikele esandleni sami namuhla, kepha angithandanga ukwelulela isandla sami kogcotshiweyo kaJehova.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka