Base bebuya bonke abantu bakwaJuda naseJerusalema, uJehoshafati ephambi kwabo ukuba babuyele eJerusalema ngokujabula; ngoba uJehova wenza ukuba bajabule phezu kwezitha zabo.
1 Samuweli 2:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyajabula kuJehova, uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami uvulekile phezu kwezitha zami; ngoba ngithokoza ngensindiso yakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyethaba kuJehova, uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami ukhamisile phezu kwezitha zami, ngokuba ngenama ngensindiso yakho. IsiZulu 2020 UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyethaba kuSimakade, uSimakade ungiqinisile, manje nginempendulo ezitheni zami, ngiyathokoza, ngokuba ungikhululile. |
Base bebuya bonke abantu bakwaJuda naseJerusalema, uJehoshafati ephambi kwabo ukuba babuyele eJerusalema ngokujabula; ngoba uJehova wenza ukuba bajabule phezu kwezitha zabo.
UMathaniya, indodana kaMika, indodana kaSabidi, indodana ka-Asafa, wayeyinhloko ukuqala ukubonga emkhulekweni; noBakibukiya owesibili kubafowabo, no-Abisa, indodana kaSamuwa, indodana kaGalali, indodana kaJeduthuni.
Ngathunga indwangu yamasaka esikhumbeni sami, ngangcolisa uphondo lwami othulini.
Uyaluphakamisa uphondo lwabantu bakhe, udumo lwabangcwele bakhe bonke; wabantwana bakwa-Israyeli, abantu ababeseduze naye. Dumisani uJehova.
UJehova uyidwala lami nenqaba yami nomsindisi wami; uNkulunkulu wami, inqaba yami, engimethembayo; isihlangu sami nophondo lwensindiso yami nombhoshongo wami ophakeme.
Siyakuthokoza ngensindiso yakho, siphakamise izindinganiso zethu egameni likaNkulunkulu wethu; uJehova makagcwalise zonke izicelo zakho.
Wamnika isifiso senhliziyo yakhe, kawusigodlanga isicelo sezindebe zakhe. Sela.
Ngiyakunquma zonke izimpondo zababi; kepha izimpondo zabalungileyo ziyakuphakanyiswa.
Ngoba wena uyinkazimulo yamandla abo, langokuthanda kwakho uphondo lwethu luzaphakanyiswa.
Ngokuba uJehova uyisiphephelo sethu; futhi oNgcwele ka-Israyeli uyinkosi yethu.
Kodwa ukwethembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye, futhi uphondo lwakhe luyophakanyiswa egameni lami.
Ukuze ngishumayele zonke izindumiso zakho emasangweni endodakazi yaseSiyoni; ngizakwethaba ngensindiso yakho.
Kepha nina niyakuluphakamisa uphondo lwami njengolwenyathi, ngigcotshwe ngamafutha amasha.
UMozisi labantwana bakoIsrayeli basebehlabela lelihubo ekudumiseni iN, bakhuluma bathi: Ngizahlabelela iNKOSI, ngoba uphakeme kakhulu; Waphonsa ihhashi nomgibeli walo olwandle.
UMiriyamu wawaphendula wathi: Hlabelelani inkazimulo yeNkosi, ngoba iphakeme kakhulu; ihhashi nomgibeli walo wakuphonsa olwandle.
Akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga futhi kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukele ngayo ukubuyisana.
Udumo lwakhe lunjengezibulo lenkunzi yakhe, nezimpondo zakhe zinjengezimpondo zenyathi; ngalokho Uyodudula abantu ndawonye kuze kube semikhawulweni yomhlaba; futhi bayizinkulungwane eziyishumi zakwa-Efrayimi, futhi bayizinkulungwane zakwaManase.
Ngokuba singabokusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singathembi enyameni.
Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.
Eningambonanga niyamthanda; enikholwa kuye, nakuba ningamboni manje, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo negcwele inkazimulo;
Thokoza ngawo wena zulu, nani baphostoli abangcwele, nani baprofethi; ngoba uNkulunkulu ukuphindisele kulo.
Isitha sakhe samgcona ukuthi simthukuthelise, ngoba uJehova wayesivalile isizalo sakhe.
Wenza kanjalo iminyaka ngeminyaka, lapho enyukela endlini kaJehova, wamdlalisa kanjalo; ngalokho wakhala, akadlanga.