Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 kaPetru 1:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Eningambonanga niyamthanda; enikholwa kuye, nakuba ningamboni manje, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo negcwele inkazimulo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 enimthanda ningambonanga, enithi ningamboni manje nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo netusekayo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 enimthanda ningambonanga, kuthi nakuba ningamboni manje, kodwa nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engenakuchazwa ngamazwi netusekayo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Eningambonanga niyamthanda; enikholwa kuye, nakuba ningamboni manje, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo negcwele inkazimulo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 kaPetru 1:8
37 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngitshele, wena othanda umphefumulo wami, lapho uklaba khona, lapho uphumula khona umhlambi wakho emini; ngoba kungani ngizakuba njengohlubuke emihlambini yabangane bakho?


Umlomo wakhe umnandi; yebo, uthandeka ngokuphelele. Lo ungothandiweyo wami, lo ngumngane wami, madodakazi aseJerusalema.


Othandiweyo wakho umkhulu ngani kunesinye isithandwa, wena muhlekazi kwabesifazane? Othandiweyo wakho udlula ngani omunye, ukuba usifungise kanjalo na?


Othanda uyise noma unina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele.


Uma ningithanda, gcinani imiyalo yami.


Onemiyalo yami, ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.


Ongangithandiyo akagcini amazwi ami; nezwi enilizwayo akusilo elami, kodwa ngelikaBaba ongithumileyo.


Nani-ke nilusizi manje, kepha ngobuye nginibone, inhliziyo yenu ijabule; intokozo yenu akakho oniphuca yona.


UJesu wathi kuye: “Ngokuba ungibonile, Tomasi, ukholiwe;


UJesu wathi kubo: “Uma uNkulunkulu ebenguYihlo, beniyakungithanda mina, ngokuba mina ngaphuma ngivela kuNkulunkulu; futhi angizizelanga ngokwami, kodwa yena ungithumile.


Wabangenisa endlini yakhe, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa nguNkulunkulu.


Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokunatha; kodwa ukulunga, lokuthula, lenjabulo kuMoya oNgcwele.


UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.


Uma umuntu engayithandi iNkosi uJesu Kristu, makabe ngoqalekisiweyo.


owasibeka uphawu futhi, wasinika isibambiso sikaMoya enhliziyweni zethu.


ukuthi wahlwithwa wasiwa eParadisi, wezwa amazwi angakhulumekiyo, okungavunyelwe ukuba umuntu awakhulume.


Thina singabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo, ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana; kodwa okungabonwayo kungokwaphakade.


(Ngoba sihamba ngokukholwa, hatshi ngokubona;)


Akabongwe uNkulunkulu ngesipho sakhe esingakhulumekiyo.


Kodwa isithelo sikaMoya siluthando, intokozo, ukuthula, ukubekezela, ubumnene, ukulunga, ukholo,


Ngokuba kuKristu Jesu ukusoka nokungasoki akulutho; kodwa ukholo olusebenza ngothando.


Nokwazi uthando lukaKristu oludlula ukwazi, ukuze nigcwaliswe ngakho konke ukugcwala kukaNkulunkulu.


Umusa mawube nabo bonke abathanda iNkosi yethu uJesu Kristu ngobuqotho. Amen. (Kwabase-Efesu ilotshwa eRoma, nguThikhiku.)


Kepha-ke lokhu nginethemba, ngiyazi ukuthi ngiyakuhlala, ngihlale nani nonke, ukuze niqhubekele phambili nentokozo yokukholwa kwenu;


Ngokuba singabokusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singathembi enyameni.


Jabulani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Jabulani.


Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kungukuqiniseka ngezinto ezingabonwayo.


Ngokukholwa washiya iGibithe, engesabi ulaka lwenkosi, ngokuba waqinisela sengathi uyambona ongabonwayo.


Elithokoza kakhulu ngakho, lanxa khathesi, uba kudingekile, seliselusizini ngezilingo ngezilingo;


Ngakho kini enikholwayo uligugu, kepha kwabangalaleli itshe abakhi abalalayo, yilo laba yinhloko yegumbi;


Kuyakuthi lapho ebonakala uMalusi omkhulu, niyakwamukeliswa umqhele wenkazimulo ongabuniyo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka