WayenoDavide ePhasi-Damimi; amaFilisti ayebuthene khona ukulwa, lapho isiqinti sezwe sasigcwele ibhali; abantu babaleka phambi kwamaFilisti.
1 Samuweli 17:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 AmaFilisti abutha izimpi zawo ukuba alwe, abuthana eSogo lakwaJuda, amisa phakathi kweSogo ne-Azeka e-Efesu-Damimi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE AmaFilisti abutha izimpi zawo ukuba alwe; abuthana eSoko lakwaJuda, amisa phakathi kweSoko ne-Azeka e-Efesi Damimi. IsiZulu 2020 AmaFilisti ahlanganisa amabutho awo ukuba ayokulwa; abuthana eSoko kwaJuda, akanisa phakathi kweSoko ne-Azekha, e-Efesi Damimi. |
WayenoDavide ePhasi-Damimi; amaFilisti ayebuthene khona ukulwa, lapho isiqinti sezwe sasigcwele ibhali; abantu babaleka phambi kwamaFilisti.
AmaFilisti ahlasela imizi yasethafeni neningizimu yakwaJuda, athumba iBeti Shemeshi, ne-Ajaloni, neGederoti, neSogo namaduka ayo, neThimna namadlelo ayo, neGimizo nemizana yalo bahlala khona.
Lapho impi yenkosi yaseBhabhiloni ilwa neJerusalema nayo yonke imizi yakwaJuda eyayisele, neLakishi ne-Azeka, ngoba le mizi eyinqaba yayisele emizini yakwaJuda.
Lezi ziyizikhulu zamaFilisti eziyisihlanu, nawo onke amaKhanani, namaSidoni, namaHivi, ahlala entabeni yaseLebanoni, kusukela entabeni yaseBali-Hermoni kuze kube sekungeneni kweHamati.
AmaFilisti abuthana ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha namadoda angangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa inkamba eMigimasi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.
Kwakukhona impi enzima namaFilisti zonke izinsuku zikaSawule; lapho uSawule ebona indoda enamandla noma iqhawe, wamyisa kuye.
Lapho amaFilisti ezwa ukuthi abantwana bakwa-Israyeli babuthene eMispa, izikhulu zamaFilisti zahlasela u-Israyeli. Lapho abantwana bakwa-Israyeli bekuzwa lokho, besaba amaFilisti.