1 kaPetru 1:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Njengoba selihlambulule imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso ngoMoya kuze kube sothandweni olungazenzisi lwabazalwane, thandanani kakhulu ngenhliziyo emhlophe; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, nize nithande abazalwane ngokungazenzisi, thandanani ngokupheleleyo omunye nomunye ngenhliziyo, IsiZulu 2020 Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, ukuze uthando lwenu lobuzalwane lungabi nakuzenzisa; nithandane ngokuphelele, omunye nomunye, kuqubuka enhliziyweni emhlophe. Baasraak Zulu New Testament Bible Njengoba selihlambulule imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso ngoMoya kuze kube sothandweni olungazenzisi lwabazalwane, thandanani kakhulu ngenhliziyo emhlophe; |
Akabekanga umehluko phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokholo.
Lelizwi likaNkulunkulu landa; isibalo sabafundi sanda kakhulu eJerusalema; nesixuku esikhulu sabapristi salalela ukholo.
esamukele ngaye umusa nobuphostoli, kube ngukulalela ekukholweni phakathi kwezizwe zonke ngenxa yegama lakhe;
Kodwa kulabo abaphikisanayo njalo bengalaleli iqiniso, kodwa belalela ukungalungi, intukuthelo lolaka;
Ngokuba uma niphila ngokwenyama, nizakufa; kepha uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila.
ngobumsulwa, ngolwazi, ngokubekezela, ebubeleni, ngoMoya oNgcwele, ngothando olungazenzisiyo,
O nina baseGalathiya abayiziwula, ngubani oniloyile ukuba ningalaleli iqiniso enibekwe obala phambi kwamehlo enu uJesu Kristu ebethelwe esiphambanweni na?
Nalokhu ngiyakhuleka ukuba uthando lwenu luvame kakhulu ekwazini nasekuqondeni konke;
Futhi iNkosi yenza ukuba nande futhi kuvame othandweni omunye komunye nakubo bonke, njengoba nje senza kini.
Simelwe ukubonga uNkulunkulu njalo ngani, bazalwane, ngokufaneleyo, ngokuba ukholo lwenu lukhula kakhulu, nothando lwenu nonke ngabanye luyevama;
Kepha thina simelwe ukubonga njalo kuNkulunkulu ngani, bazalwane abathandwa yiNkosi, ngokuba kwasekuqaleni uNkulunkulu wanikhethela ukusindiswa ngokungcweliswa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso;
Njengalokhu ngakuncenga ukuthi uhlale e-Efesu, ekungeneni kwami eMakedoniya, ukuze uyale abanye ukuthi bangafundisi enye imfundiso;
Kepha isiphetho somyalo siluthando oluphuma enhliziyweni ehlanzekileyo, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisi;
Makungabikho-muntu odelela ubusha bakho; kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokholo, nangokuhlanzeka.
Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona.
futhi esephelelisiwe, waba yinhloko yensindiso ephakade kubo bonke abamlalelayo;
Ngokuba uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nomshikashika wothando enalubonakalisa kulo igama lakhe, ngokukhonza abangcwele, nisabakhonza.
Kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela ngoMoya ophakade engenasici kuNkulunkulu, liyakuhlambulula unembeza wenu emisebenzini efileyo, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo na?
Ngakho-ke lahlani konke ukungcola nokuchichima kobubi, namukele ngobumnene izwi eligxunyekiweyo, elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.
Sondelani kuNkulunkulu, laye uzasondela kini. Hlambululani izandla nina zoni; nihlanze izinhliziyo zenu nina eninhliziyombili.
ngokokwazi ngaphambili kukaNkulunkulu uBaba ngokungcweliswa kukaMoya, kube ekulaleleni nasekufafazweni kwegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kini umusa nokuthula.
Hloniphani abantu bonke. Thandani ubuzalwane. Mesabeni uNkulunkulu. Hlonipha inkosi.
Ngokunjalo, bafazi, thobelani amadoda enu; ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi;
Eyayingalaleli ngesinye isikhathi, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kulindile ezinsukwini zikaNowa, kusakhiwa umkhumbi, okwasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi, imiphefumulo eyisishiyagalombili.
Elokugcina manibe nomqondo munye nonke, nihawukelane, nithandane njengabazalwane, nihawukele, nibe nomusa;
Ngokuba isikhathi sesifikile sokuba ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu; uma kuqala kithi, kuyakuba yini ukuphela kwabangalaleli ivangeli likaNkulunkulu na?
Phezu kwakho konke yibani nothando oluvuthayo phakathi kwenu, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono.
Ekumesabeni uNkulunkulu ububele bobuzalwane; nasethandweni lobuzalwane uthando.
Futhi yilo umyalo wakhe, ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengalokho wasilaya.
Akakho oke wabona uNkulunkulu. Uma sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelelisiwe kithi.
Uma umuntu ethi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga;
Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu; futhi wonke onothando uzelwe nguNkulunkulu, futhi uyamazi uNkulunkulu.