Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 kaPetru 3:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngokunjalo, bafazi, thobelani amadoda enu; ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kanjalo, bafazi, thobelani amadoda enu, ukuze kuthi, uma ekhona ongakholwa yizwi, azuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi bawo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Kanjalo bafazi, thobelani amadoda enu ukuze kuthi uma kukhona amadoda angalilaleli izwi, azuzeke ngenxa yokuziphatha kahle kwabafazi bawo, ngaphandle kwezwi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Ngokunjalo, bafazi, thobelani amadoda enu; ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 kaPetru 3:1
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi kowesifazane: “Ngiyakwandisa kakhulu usizi lwakho nokukhulelwa kwakho; ngosizi uyakuzala abantwana; ukufisa kwakho kuyakuba sendodeni yakho, yona izokubusa.


Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila; nozuza imiphefumulo uhlakaniphile.


Umzalwane owoniweyo ulukhuni kunomuzi onamandla, nokuxabana kwabo kunjengemigoqo yenqaba.


Futhi uma umfowenu ona kuwe, hamba umsole ninodwa naye; uma ekuzwa, umzuzile umfowenu.


Kodwa kabalilalelanga bonke ivangeli. Ngokuba u-Isaya uthi: “Nkosi, ngubani okholwe umbiko wethu na?


Kepha makabongwe uNkulunkulu, ngokuba naniyizigqila zesono, nalalela ngokusuka enhliziyweni leyo ndlela yesifundiso enanikelwa ngayo.


Ngokuba owesifazane onendoda uboshelwe ngomthetho endodeni yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda.


Kepha ngithanda ukuba nazi ukuthi inhloko yawo wonke amadoda nguKristu; nenhloko yowesifazane yindoda; lenhloko kaKristu nguNkulunkulu.


Abesifazane benu mabathule emabandleni, ngokuba abavunyelwe ukukhuluma; kepha bayalwa ukuba balalele, njengokuba usho nomthetho.


Ngokuba wazini wena mfazi, ukuthi awuyikusindisa indoda yakho na? Wena ndoda, wazi ngani ukuthi uyakumsindisa umkakho na?


Nokho-ke yilowo nalowo kini makathande umkakhe njengalokhu ezithanda yena; nomfazi makahloniphe indoda yakhe.


Bafazi, thobelani amadoda enu, njengokufanele eNkosini.


Hambani ngokuhlakanipha kwabangaphandle, nithengisise isikhathi.


Elangabi lomlilo liphindisela kwabangamaziyo uNkulunkulu, labangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu Kristu;


Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona.


futhi esephelelisiwe, waba yinhloko yensindiso ephakade kubo bonke abamlalelayo;


Njengoba selihlambulule imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso ngoMoya kuze kube sothandweni olungazenzisi lwabazalwane, thandanani kakhulu ngenhliziyo emhlophe;


bebona inkambo yenu emhlophe kanye nokwesaba.


Kanjalo nani madoda, hlalani nabo ngokokwazi, nibanike udumo njengesitsha esibuthakathaka kakhudlwana, nanjengezindlalifa kanye nani zomusa wokuphila; ukuze imikhuleko yenu ithiye.


Ngokuba isikhathi sesifikile sokuba ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu; uma kuqala kithi, kuyakuba yini ukuphela kwabangalaleli ivangeli likaNkulunkulu na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka