Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 22:3 - Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Wathuma izinceku zakhe ukuba zibize abamenyiweyo emtshadweni, kepha abavumanga ukuza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wathuma izinceku zakhe ukubiza abamenyiweyo emshadweni; kepha abavumanga ukuza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Wathumela izinceku zakhe ukuba ziyobiza labo ababemenyiwe emshadweni, kodwa abavumanga ukuza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wathuma izinceku zakhe ukuba zibize abamenyiweyo emtshadweni, kepha abavumanga ukuza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 22:3
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi sekusondele isikhathi sesithelo, wathuma inceku zakhe kubalimi ukuthi bathathe izithelo zazo.


Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho, njengesikhukhukazi sibuthela amatshwele aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga!


wathi: Phendukani, ngoba umbuso wezulu ususondele.


UJesu wathi kubo: “Abendlu yomyeni bangalila yini, umyeni enabo na? kodwa ziyakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo, khona-ke bezakuzila.


Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe! Bengithanda kangakanani ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukhukazi sibuthela amazinyane aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga!


Wathukuthela, akavumanga ukungena; wayesephuma uyise, wamncenga.


Kodwa lezozitha zami ezazingathandanga ukuthi ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, lizibulale phambi kwami.


Kodwa anithandi ukuza kimi, ukuze nibe nokuphila.


Kodwa abaJuda bebona izixuku bagcwala umona, baphikisana lezinto ezazikhulunywa nguPawuli, bephikisa lokuthuka.


Kodwa kuIsrayeli uthi: Usuku lonke ngelulela izandla zami ebantwini abangalaleliyo labaphikayo.


Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;


Ngakho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esitsha, ukuze kuthi ekufeni kube kuhlengwa eziphambekweni ngaphansi kwesivumelwano sokuqala, ababiziweyo bamukele isithembiso sefa eliphakade.


UMoya nomlobokazi bathi: Woza. Nozwayo makathi: Woza. Nowomileyo makeze. Futhi yilowo nalowo othanda makathathe amanzi okuphila ngesihle.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka