Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 22:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wathuma izinceku zakhe ukubiza abamenyiweyo emshadweni; kepha abavumanga ukuza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Wathumela izinceku zakhe ukuba ziyobiza labo ababemenyiwe emshadweni, kodwa abavumanga ukuza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Wathuma izinceku zakhe ukuba zibize abamenyiweyo emtshadweni, kepha abavumanga ukuza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wathuma izinceku zakhe ukuba zibize abamenyiweyo emtshadweni, kepha abavumanga ukuza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 22:3
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

INkosi iphumisa izwi; abesifazane ababika indaba ejabulisayo bayisixuku esikhulu.


Ngokuba yasho njalo iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, yathi: “Niyakusindiswa ngokuphenduka nangokuphumula, amandla enu abe ngukuthula nangokwethemba; kepha anithandanga.


UJehova uthumile kini zonke izinceku zakhe abaprofethi, ebathuma njalonjalo, kepha anilalelanga, anibekanga indlebe ukuba nizwe


Futhi ngithume kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngibathuma njalonjalo, ngokuthi: “Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze imisebenzi yenu ibe mihle, ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze; khona niyakuhlala ezweni engilinike nina nawoyihlo.” Kepha anibekanga izindlebe zenu, aningizwanga.


Lapho bebabiza, kwaba yilokhu besuka kubo; babahlabela oBali, bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.


Abantu bami bahlose ukuhlehla kimi; noma bebabizela kongaPhezulu kangakanani, akakho oziphakamisayo.


Thula phambi kobuso beNkosi uJehova, ngokuba usuku lukaJehova luseduze; uJehova ulungisile umhlatshelo, ungcwelisile abamenyiweyo bakhe.


Kwathi sekusondele isikhathi sezithelo, wathuma izinceku zakhe kubalimi ukuba zithathe izithelo zakhe.


“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi nokhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko aso, kepha anivumanga.


“Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!”


UJesu wathi kubo: “Abayeni bangalila yini, umyeni enabo na? Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila.


“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, bengithanda kangaki ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko; kepha anivumanga.


“Kepha yathukuthela, kayivumanga ukungena; uyise wayesephuma, wayincenga.


Kodwa lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, nizibulale phambi kwami.”


Kepha anivumi ukuza kimi ukuba nibe nokuphila.


Kepha abaJuda bebona izixuku bagcwala umhawu, bakuphika okwakukhulunywa nguPawulu behlambalaza.


Kodwa ngo-Israyeli uthi: “Usuku lonke ngelulela izandla zami kuso isizwe esingalaleliyo nesiphikayo.”


Bhekani, ningamali okhulumayo; ngokuba uma bengaphunyukanga labo ababemala lowo owabaxwayisa emhlabeni, kakhulu asiyikuphunyuka thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini,


Ngalokho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esisha, kuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala ababiziweyo bazuze ifa eliphakade elathenjiswayo.


UMoya nomlobokazi bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.


ekungeneni kwenu emzini niyakumfumana, engakenyukeli endaweni ephakemeyo ukuyokudla; ngokuba abantu abayikudla engakafiki, lokhu nguye obusisa umhlatshelo, andukuba abamenyiweyo badle. Ngalokho-ke, khuphukani manje, ngokuba niyakumfumana ngalesi sikhathi.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka